UKwem nabanye baqinise iTS Galaxy ehlose lukhulu kule sizini ezayo

UKwem nabanye baqinise iTS Galaxy ehlose lukhulu kule sizini ezayo
u-Augustine Kwem
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Facebook

Iqembu laseMpumalanga, iTS Galaxy nalo seliqinisekise izinduku zalo ezintsha elizoqinisa ngazo njengoba lifuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo. Kuzobe kuyisizini yalo yesilibi eligabeni seDStv Premiership leli qembu lika-Tim Sukazi elicijwa ngu-Owen Da Gama,

Leli qembu liphinde lamemezela ukuhlukana nabanye babadlali babo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/22. IGalaxy isayinise u-Igor Makitan oyisitobha, unozinti uVasilije Kolak bobabili abaneminyakeni engu-26, kanti baqhamuka phesheya kwezilwandle e-Europe.

Kanti laba badlali bajoyina uMohamed Anas, Mthobisi Mngomezulu, Xolani Nkombela, Xolani Slawula nesiqongqwane somgadli u-Augustine Kwem kwabajoyine amaRockets ngaphambi kwesizini entsha.

UKwem uke wakhombisa ukuthi angaba wumgadli oyingozi kodwa wabuye walotha ngesikhathi ekwiChippa United ngesizini edlule. Nokho uKwem ubonakala ewuhlobo lomgadli abathandayo uDa Gama futhi kungenzeka agcine ebuvezile ubungozi bakhe kulelu qembu lakhe elisha.

UMakitan noKolak sebeke babonakala enkundleni ngesikhathi leli qembu lidlala owobungani ne-Orlando Pirates nokulapho begcine benqobe ngo 1-0.

FUNDA NALA: Akulula ukuthi uZungu engabuyela kwiChiefs okwamanje, kusho imenenja yakhe

Bonke laba badlali basayine iminyaka emibili neSiyadumuza. IGalaxy iphinde yadedela abanye babadlali bayo okungoBevan Fransman, Reneilwe Letsolonyane, Xolani Mahola, Felix Badenhorst, Sefako Mahlala, Gerald Modisane, Myer Bevan, Mbulelo Wambi noChitiya Masusu.

ULetsholonyane usevele waqoka ukuwaphanyeka emgibeni amakhokho akhe. Leli qembu laseMpumalanga kumanje lizicijela isizini entsha ePotchefstroom.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.