UKwem uchazwa yinjabulo ebusweni babalandeli uma eqeda ukukora

UKwem uchazwa yinjabulo ebusweni babalandeli uma eqeda ukukora
U-Augustine Kwem
UDABA: OkaDonga
ISITHOMBE: Twitter

Ukubona injabulo esuke isebusweni babalandeli uma eqeda kubhakuzisa inethi iyonanto emfaka umfutho umgadli omusha weTS Galaxy, u-Augustine Kwem.

Uthi indlela abasuke bechazeke ngayo abalandeli imenza afune ukuqhubeka aqhulule amagoli. Sesiside ke isikhathi agcina ukukubona lokhu kwazise isizini edlule yonke abalandeli bebengekho ezinkundleni kuleli.

Lokhu bekungenxa yemibandela yezempilo yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 kuleli. Nakule le sizini ezayo akubonakali abalandeli bezovulelwa.

“Engingakutho nje wukuthembisa ukuthi ngizowakhipha wonke amangwevu uma ngisenkundleni,” usho kanje uKwem ngesikhathi ebuzwa ngakuphathele abalandeli beGalaxy.

“Ngethemba nokuthi sizobabona sebebuyele enkundleni maduze nje ukuze uma ngiqeda ukukora ngizobheka kubo bese ngibona injabulo ebusweni babo. Lokho kuletha umuzwa omnandi kimi.

“Sengethemba ukuthi izodamba maduze nje iCovid-19 ukuze babuye abalandeli. NGibathembisa ukuthi ngizohlezi ngizinikele ukubajabulisa,” kuqhuba uKwem.

Lo mgadli ongowokudabuka eNigeria akabanga nesizini enhle kwiChippa United abedlala kuyo. Leli qembu lize lasinda selidlala emidlalweni yokuhlunga ekudliweni yizembe.

Ukudlala kule midlalo kunciphise isikhathi sekhefu kubadlali beChippa kodwa uKwem uthi yize ebengajabula ukuba nesithe xaxa, kodwa ngeke avike ngalokho.

“Indlela engamukelwe ngayo ngusihlalo nabadlali, abanye babo asebengabangani vele kusukela ngesizini edlule, kube kuhle kakhulu. Ngizizwa ngemukelekile.

FUNDA NALA: UNomvete ungena enkundleni abakhombise yena abagadli ukuthi ishaywa kanjani inethi

“Into ehlezi ibalulekile yibheji leqembu odlala kulo. Into esiyibhekile kule sizini wukwenza kangcono kunangesizini edlule. Sifuna nokuthola indebe eyodwa. Izindondo zomdlali ngamunye zilandela ngemuva.

“Angisitholanga isikhathi esanele sokuphumula ngendlela ebengifisa ngayo. Kodwa ke ibhola ngumsebenzi wami ngakho ngekhe ngivike ngokuthi angiphumulanga kahle.

“Ngilitholile ithuba lokuthi hulukuqu ekhaya eNigeria ngiyobabona yize kube yizinsuku ezinhlanu kuphela. Kube yinto enhle ukuthi ngibabone nabo bangijabulele bese ngithola nezibusiso zabo,” kusho uKwem.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *