UKwem uphinde washiya kukhalwa eSoweto kulokhu udle iSwallows

UKwem uphinde washiya kukhalwa eSoweto kulokhu udle iSwallows
OkaDonga Gumbi

Kuphinde kwaba ngu-Augustine Kwem iqhawe leTS Galaxy njengoba kunguye oshaye igoli eliyisize ishaye iSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa.

Ngaleli goli lakhe, uKwem ududulele iSwallows endaweni embi njengoba sekuyiyo esezindaweni zezembe – isendaweni ka-15 kodwa ingehla uma iBaroka ingawina ngeSonto.

Le wini isuse iGalaxy emsileni kilogi yayisa endaweni ka-14 yize nayo isangabuyela kwe-15 uma iBaroka iwina.

Ngesikhathi uKwem eba yiqhawe, u-Ebrahim Seedat yena uvele wafuna ukuzakhela igama elibi ekhishwa ngekhadi elibomvu.

Umdlalo uqale ngesivinini esipholile kungekho elibonakala lijahe phambili. Kuthe sekuphele imizuzu angaphezu kuka-15 kwayima ziqala zihlokolozana.

ISwallows yiyo ebihlanganisa iminyakazo engcono ilokhu isondela emapalini eGalaxy kodwa yehluleke ukwakha amathuba okushaya amagoli acacile.

Kube yiRockets elishaya kuqala igoli njengoba kuthe ngomzuzu ka-33 uLindokuhle Mbatha wenza omuhe umsebenzi ngakwesokunxele.

Ube esethatha ibhola elibeka kamnandi ngaphansi kukaKwem ongabange esalenza iphutha, walibeka enethini.

Bese kuyigoli lesibili imidlalo ilandelana lalo mgadli ongowokuzalwa eNigeria kodwa okhulele kuleli kwazise nguye nowashaya elawashisa iKaizer Chiefs ijezi kwiNedbank Cup ngempelasonto edlule.

ISwallows ibuye nezinguquko ezintathu ekhefini njengoba uDylon Kerr ebezama ukujaha umdlalo, ebona amaphuzu abaphunyuka.

Ukhiphe oGrant Margerman, Keletso Makgalwa noLehlohonolo Matlou wafaka oSphelele Mbhele, Khetha Ndlovu noMusa Nyatama ezindaweni zabo.

Luwenzile umehluko lolu shintsho njengoba beyisiyihlanganisa kangconywana iminyakazo eya phambili yize bekungekho bungozi obutheni ebibukhombisa.

FUNDA NALA: IRoyal AM ibuye sekusele amanenjana umdlalo uphele ibambana neChippa

Izithole seyinethuba lokubuya kulo mdlalo sekusele imizuzu engu-20 kulandela ukukhishwa kukaSeedat ngekhadi elibomvu azicelele lona ngendlela okwenzeke ngayo.

USeedat ubevele enekhadi eliphuzi alithole ngesiwombe sokuqala. Ube esedlalisa kabi uNdlovu weSwallows, unompempe u-Akhona “SheRef” Makalima wakuziba lokho.

Nokho kuthe uma uNdlovu ezama ukususa ibhola ngokushesha, wavele wambamba unyawo ngesandla, wamwisa kwabe useziqhathile.

Ube wukubona unompempe esondela wazibonela ukuthi sekubhedile, wachitha izandla eshikila eyophuma wabe esephelezelwa ngekhadi elibomvu.

Ngemuva kwalokhu umdlalo ube sewuphenduka impi futhi bese kusele khona nje ukuthi kugcine kubanjenwe negzandla.

IGalaxy beyizama wonke amaqhinga ewaziyo ukudla isikhathi, iSwallows izama ukuphuthuma ngoba ifuna igoli lokulinganisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.