UKwem usebheke ukukwebhula izinhliziyo zabeSwallows

UKwem usebheke ukuklebhula izinhliziyo zabeSwallows
U-Augustine Kwem
Sihle Ndlovu

Umgadli weTS Galaxy u-Augustine Kwem, angase abe yingozi kakhulu kwiSwallows FC abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

La maqembu asesimeni esifanayo njengoba ezabalazela ukubalekela izembe ngaphambi kokuthi kusongwe isizini ka-2021/22, okuyinto eseyiseduze kakhulu.

UKwem ube nesandla ekutheni iqembu lakhe lidlulele phambili ngesikhathi eshaya igoli bebhekene neKaizer Chiefs, abagcine beyiwashise ijezi ngeledlule.

Nokho into ebaluleke kakhulu manje ukuthi iqembu lilwele ukungadliwa yizembe njengoba liyibambe emsileni kwilogi yePremiership.

UKwem uthe kuyabaphoqa ukuthi bathole amaphuzu aphelele nakanjani uma sebhekene neSwallows, ngenxa yesimo ababhekene naso.

FUNDA NALA: U-Ellis akanelisekanga ngesibalo samagoli yize iBanyana iwinile

“Ngicabanga ukuthi kumele siye laphaya siyofuna iwini nje kuphela. Kumele siyeke izinto eziningi sigxile kithina namaqhinga esizoqhamuka nawo,” kusho uKwem.

“Sibabukile bedlala neStellenbosch. Bebengebahle kakhulu yize bezamile ukwakha amathuba. Siyakholwa ukuthi singenza kahle uma sesibhekene nabo.”

IZinyoni nazo zisekhona kwiNedbank Cup lapho zizobhekana neRoyal AM kwiLast 16. Ngakolunye uhlangothi iRockets izobhekana neBaroka FC kwiLast 16.

Ngabe yikuphi azogxila kukhona la maqembu njengoba ebhekene nokudliwa yizembe ekupheleni kwesizini? Konke kuzocaca ngoMgqibelo uma esehlangana eDobsonville.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.