UKwem uvuma imizwa ngomdlalo neTS Galaxy neChippa

UKwem uvuma imizwa ngomdlalo neTS Galaxy neChippa
U-Augustine Kwem
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuzoba yisimo esizomvivinya u-Augustine Kwem uma kwenzeka umqeqeshi weTS Galaxy emdlalisa sebebhekene neChippa United emdlalweni weDStv Premiership.

La maqembu azogadulisana eMbombela Stadium ngoLwesibili ngo-5.30 ntambama.

UKwem uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kwiChippa kanti uhlale kuyo iminyaka emibili.

Yilokho okuzokwenza abe nemizwa embajambili ngalo mdlalo. Kodwa uthi lokho uzokubeka eceleni.

“Uqhamuke kahle impela lo mdlalo njengoba sengibuyile nje ekulimaleni,” kusho uKwem ngalo mdlalo.

“Kuzoyivusa impela imizwa ngoba ngizobona abangani, abantu ebengisondelene nabo kule minyaka emibili edlule.

“Kuzoba yisimo esinzima ngokwemizwa kodwa ke njengamanje into ebalulekile kimi yibheji leTS Galaxy ngoba yilona engilisebenzelayo njengamanje.

FUNDA NALA: Sekuvele abafuna isikhundla sikaKhoza kwiPSL

“Ngizokwenza konke engikhonayo ukukwenza ukusiza iqembu uma ngilinikwa ithuba lokudlala,” kucacisa uKwem.

“Ngizokubeka eceleni ngoba okubalulekile wukuthi sithole amaphuzu amathathu ukuze sibeke siye ngaphezu kwabo kwilogi.

“Le sizini inzima kuwo womabili la maqembu. Kodwa ngicabanga ukuthi sizenzele thina phansi emdlalweni wokugcina kanti sesibheke ukukulungisa lokho.

“Uma ngibheka umphumela otholwe yiChippa emdlalweni wayo wokugcina, behluliwe ngakho yithuba lethu leli lokubashaya besahleli phansi.”

IRockets isendaweni ka-15 kanti iChippa ikweka-13 futhi yiphuzu elilodwa nje kuphela elibehlukanisile.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *