UKwem weChippa uthi sebeyayazi ukuthi ibuthaka ngakuphi iSundowns abazodlala nayo ngeSonto

Umgadli weChippa United, u-Augustine Kwem othi abayesabi qobo iMamelodi Sundowns Isithombe: Twitter

MTHOKOZISI MNCUSENI

UKwem weChippa uthi sebeyayazi ukuthi ibuthaka ngakuphi iSundowns abazodlala nayo ngeSonto

Akayesabi nakancane iMamelodi Sundowns ukaputeni weChippa United, u-Augustine Kwem, othe bakuqaphelile ukuthi leli qembu laseChloorkop nalo linazo izindawo la libuthaka khona nokungathi uma beqinisa kuzo balithele induku.

Lo mgadli odabuka eNigeria kodwa okhulele kuleli, ubekhuluma ngaphambi komdlalo wala maqembu kwiDStv Premiership ozoba seLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.

IChippa iya kulo mdlalo iphumule kangcono kwazise ayidlalanga eDr Molemela Stadium lapho umdlalo wayo neBloemfontein Celtic uhoxisiwe ngenxa yesimo sezulu ebesisibi ngoLwesithathu. Belina kakhulu futhi kunesivunguvungu.

Kungenxa yalokhu uKwem engasakwazi ukulinda iSonto bathole ithuba lokuzitapela amaphuzu kwiSundowns njengoba nabanye bebenza ngaphambi kokuba ijikele iBlack Leopards ngoLwesithathu.

Bazoyifica ijikile nokho iSundowns kwazise inqobile kwiLeopards ngo 2-1 eVenda. Lo mphumela uzolikhuphula kakhulu ithemba kanye nezinga kwabeSundowns kodwa uKwem akumethusi lokhu.

“Asisakwazi ukulinda. Bonke abadlali bebefisa ukudlala (ngoLwesithathu) kodwa akwenzekanga lokho. Ukube sidlalile nje besizoyigudluza iBaroka (FC) singene emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiligi.

“Akwenzekanga lokho kodwa asidikibele ngoba sisazolithola ithuba lokudlala,” usho kanje lo mdlali.

Mayelana nomdlalo weSundowns, uKwem uthe: “Besiwubheke ngeso lokhozi umdlalo weSundowns neLeopards. Kuningi esikuqaphelile njengokuthi zikhona izindawo lapho bebuthaka khona.

“Uma singazithambisi kulo mdlalo sinalo ithuba lokuthola amaphuzu. Konke kulele kithina kodwa sibonile emdlalweni wabo neLeopards ukuthi singanqoba laphaya,” uqhube kanje uKwem.

Akanankinga nokuyodlala ekuhambeni njalo uKwem kodwa uthemba ukuthi abadlali bazokufaka emakhanda abo lokhu.

“Kunzima kithina sonke kodwa singabadlali akufanele kube yinkinga ukudlala imidlalo eyishumi ekuhambeni ngoba abalandeli basemakhaya abakwazi ukusibuka.

“Njengoba sinenkinga yokudlala ekuhambeni njalo kufanele sikhumbule ukuthi nabalandeli basenkingeni efanayo,” kusho yena. Akakholwa ukuthi bazoba nenkinga kwiSundowns ngoba badlala ngendlela efanayo nabo (ukugcina ibhola).

Leave a Reply

Your email address will not be published.