Ukwenza kahle kwamaProteas kufakazela umkhankaso weMomentum

UCarel Bosman weMomentum namaProteas
Sihle Ndlovu

Iqembu lekhilikithi labesimame, amaProteas, lizibeke endaweni enhle ngesikhathi liwina umdlalo wesibili weNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa eseNew Zealand.

INingizimu Afrika ishaye iPakistan ngamawikhethi ayisithupha ngoLwesihlanu, okuyenza ibalwe namaqembu angakashaywa kulo mqhudelwano.

Emdlalweni wokuqala amaProteas avule kahle eshaya iBangladesh ngama-run angu-32. Ukuwina kweNingizimu Afrika kuyinyusele endaweni yesithathu kwilogi enamaqembu ayisishiyagalombili.

IPakistan iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo. INingizimu Afrika ikwaze ukwenza ama-run angu-223, kanti kubhethe kahle uLaura Wolvaardt (73), Sune’Luus (62) noTrisha Chetty (31).

Iphendula iPakistan ikwaze ukwenza ama-run angu-217 kuphela. Kuyona kubhethe kahle u-Omaima (65), Dar (55) noNahida (40). Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika kushwibe kahle uShabnim Ismail (3), Marizanne Kapp (2) no-Ayabonga Kaka (3).

Ukwenza kahle kwamaProteas kushiya ithemba lokuthi kuzophumelelisa isifiso sabaxhasi iMemontum. Le nkampani, exhase amaProteas abesimame, isanda kuqala umkhankaso obizwa nge-#OneMoreFan.

Inhloso yalo mkhankaso ukuthi kuvalwe igebe elikhona phakathi kwabesilisa nabesimame uma kukhulunywa ngezemidlalo, kanjalo namaholo.

“Kusekuningi kakhulu okumele kwenziwe ukuvala igebe labaxhasi,” kusho uCarel Bosman oyihloko yabaxhasi eMomentum.

“Abadlali besifazane emhlabeni wonke bahola okungaphansi ngokuphindwe kahlanu kunabesilisa, ngenxa yokuthi abaxhasi abaningi bagxumela imidlalo yabesilisa.

“ENingizimu Afrika imidlalo yabesilisa ithola 61.1 %, kuthi eyabesifazane ithole 0.5% kuphela, uma kukhulunywa ngokukhangisa nabaxhasi.”

UBosman uphinde wanxenxa bonke abathandi bezemidlalo, kumbandakanya nabo abesifazane, ukuthi bayixhase imidlalo lapho kusuke kudlala khona abesimame.

AmaProteas asendaweni yesibili emaqenjini akleliswe yi-ICC emhklabeni, ngenxa yokufukulwa wukuxhaswa yiMomentum.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.