ULamb ubukise ngamaProteas ewenza umhlatshelo we-England

U-Emma Lamb we-England
Sihle Ndlovu

U-Emma Lamb ushaye ama-run angu-102 emabholeni angu-97 ngesikhathi i-England ibukisa ngeNingizimu Afrika emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa eCounty Ground, eNorthampton ngoMsombuluko.

IMomentum Proteas ibhaxabulwe ngamawikhethi amahlanu kulo mdlalo ewine ithosi kuwona yakhetha ukubhetha kuqala. ULamb, oqokwe njengomdlali wosuku, ubeliqongqotha kakhulu ibhola kwaze kwaba ukhishwa uTumi  Sekhukhune esevele esemoshe kakhulu.

Akuhambanga kahle ekubhetheni kuqala kweNingizimu Afrika njengoba yenze ama-run angu-218 kuma-ova angu-47.7, yakhishwa yonke.

Nakuba iqembu lakuleli ligcine lifikile ku-200 kubongwa ukudlala kahle kukaChloe Tryon ohlanganise ama-run angu-88. Ngasohlangothini lwe-England uNatalie Sciver ogcine ethatha amawikhethi amathathu.

Okuhlalukile amaProteas kusamele abhukule uma ebhetha ikakhulukazi kuma-ova ayishumi okuqala, aphinde agweme ukulahlekelwa amawikhethi kalula.

I-England ihlanganise ama-run angu-219 kuma-ova  angu-32.1,  yaziwinela kalula nje. Umdlalo wesibili wosuku olulodwa ungoLwesihlanu kanti kuzocaca  lapho ukuthi amaProteas  aphendula kanjani.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.