Ulande ‘isikhali’ sakhe ayeqeda ngaso abantu uBenni McCarthy

UZukile Kewuti osezobonakala kuMaZulu FC

UKewuti uchazekile ngokuphinde asebenze noBenni McCarth

OKADONGA GUMBI

UZukile Kewuti wayeyisikhali sikaBenni McCarthy asikhipha uma sekumshubele ngesikhathi ekwiCape Town City kanti usephinde wasithola njengoba esekuMaZulu FC manje.

UKewuti ujoyine Usuthu ngokwebolekiswa esuka kwiCity kuleli viki kanti uzohlala kuze kuphele le sizini. Lo mdlali oneminyaka engu-25 uthi kumjabulisile ukuza kuSuthu.

“Ukuza kwami kuMaZulu yinto enhle ngoba vele ngiyalazi ithimba labaqeqeshi nokuthi yini abayifunayo. Into ephambili kubo wukuwina,” kusho uKewuti.

“Leyo yinto asebevele bayifaka yagxila kimi, futhi nakimi ukuwina sekuyiyona yinto ehlezi iduma ekhanda uma ngidlala. Ngilapha ukuzowina, ukusiza iqembu liwine kule midlalo esele kule sizini.

“Angizelanga nje ukuzokwandisa isibalo sabadlali eqenjini. AmaZulu yilona qembu elingilungele njengamanje,” kulanda uKewuti.

“Kulokhu engisakubonile (ejimini), wonke umuntu olana uzimisele futhi uyazikhandla, unesifiso sokwenza kangcono nokufunda… sonke sifuna ukunqoba.

“Yingakho nje sengikujahile ukugqoka ijezi eliluhlaza loSuthu,” kuqhuba le nsizwa ezalwa eKapa nokungokuqala izohlala ngaphandle kwaleli dolobhakazi eliseWestern Cape.

Nokho lokho akumhluphi ngoba ngaphandle kukaMcCarthy, kukhona uVasili Manousakis obeyiphini lomqeqeshi kwiCity, nabadlali ababili, uLehlohonolo Majoro noSiphelele “Shaka” Mthembu abesebenza nabo eKapa.

“Okokuqala ngihlala kude naseKapa, futhi ngiyacabanga kuzoba yinto enhle kimi. Kuzoba yinselelo khona ngoba okokuqala ngikude nomndeni wami.

“Kodwa kubantu lapha abazongigada, bangisize ukuthi ngisheshe ngijwayele noma uma kwenzeka kuba khona okungahambi kahle,” kusho uKewuti.

Lo mdlali onejubane elimanbalisayo cishe angaqala ukubonakala kuSuthu ngeSonto uma selugadulisana neSwallows FC eDobsonville Stadium emdlalweni weDStv Premiership.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.