ULarsen usebheke ukuyifaka kwiGladAfrica Championship iDynamos

ULarsen usebheke ukuyifaka kwiGladAfrica Championship iDynamos
UClinton Larsen
Alfred Ngubane 

Umqeqeshi weSummerfield Dynamos ewine Isigceme A kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, uClinton Larsen ulindele ubunzima obuphindiwe uma ezakhe sezidlala owokuhlunga neGWP Friends.

IFriends iyona ewine Isigceme B esinamaqembu aphakathi nezwe eKZN njengoba besihlukaniswe phakathi lesi sigaba kusukela kwaqubuka iCovid-19.

Lamaqembu azodlala umdlalo wokuhlunga onemilenze emibili okuyilapho kuzophuma khona elizomela isifundazwe kweyokuhlungela ukunyuselwa kwiGladAfrica Championship.

“Awulula nhlobo lo mdlalo ngoba womabili amaqembu adlala ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uLarsen engxoxweni ekhethekile neMpempe.

“IGWP Friends iyiqembu elincono kakhulu futhi silindele ukuthi basinike umdlalo onzima kakhulu.

“Kodwa njengoba umdlalo wokuqala sizowudlalela ekhaya kumele nakanjani siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu.

FUNDA NALA: IKZN Athletics yeseka abeComrades ngolwezimali olususe umsindo

“Abadlali bethu bayazi ukuthi yini edingwa yiqembu, usihlalo nabantu balesi sifundazwe njengoba kade sagcina ukuthola iqembu elizokhuphukela kwiGladAfrica Championship.”

IDynamos izokwemukela ekhaya iGWP Friends eChatsworth Stadium ngomhla ka-27 kuFebhuwari ng-3 ntambama ngokohlelo lwemidlalo.

Khonamanjalo, iSafa yaseThekwini isixwayise lamaqembu ngokuwakhumbuza ukuthi abalandeli abavumelekile ukuthi babekhona kulo mdlalo.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.