Ulaxaze isikhundla kwiSekhukhune, wavumbuka kwiPolokwane umakadebona onguFerreira

UJohnny Ferreira ozokwethulwa ngoLwesine njengomqeqeshi wePolokwane City

OKADONGA GUMBI

Ubonakale emdlalweni wePolokwane City neSteenberg United weNedbank Cup kungakapheli ngisho amahora atheni esulile esikhundleni sakhe sokuba ngumqondisi wezokuqeqesha kwiSekhukhune United uJohnny Ferreira.

Lo makadebona womqeqeshi ubesanda kwenyuselwa isikhundla kwiBabina Noko, kodwa wesula kuso ngoLwesithathu. Khona ngawo uLwesithathu ntambama ubonakale emdlalweni weCity osekuvele ukuthi useqashwe yiyo.

“Ubekhona impela kulo mdlalo futhi ubelokhu eqobela phansi amaphuzu athile ngobekwenzeka emdlalweni okukhombisa ukuthi uzothatha isikhundla sokuqeqesha,” kusho omunye obekulo mdlalo kodwa ongathandanga kushicilelwe igama lakhe.

IRise and Shine ivele ayinaye umqeqeshi kusukela ishiywe nguMike Lukhubeni ngasekuqaleni kukaJanuwari. ULukhubeni nguyena owaqashwa njengomqeqeshi kwiSekhukhune ngemuva kokwenyuselwa esikhundleni kukaFerreira.

“Kufana nokuthi bashintshane ngamaqembu, omunye waya le, omunye weza ngapha. UFerreira uzokwethulwa ngoLwesine kubadlali bePolokwane kanti silindele lukhulu kuye,” kusho yena.

ISekhukhune ibe seyikhipha isitatimende iqinisekisa ukuhamba kukaFerreira, ithi imfisela okuhle lapho eya khona.

“Sifisa ukubonga kuMnuz Ferreira ngomsebenzi awenzile kusukela efika engumqeqeshi kwaze kwaba esengumqondisi wezokuqeqesha futhi simfisela impumelelo ngekusasa lakhe,” kusho usihlalo weSekhukhune, uSimon Malatjie.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *