ULebese usesayinwe yiTshakhuma

UGeorge Lebese

OKADONGA GUMBI
UGeorge Lebese usezitholele ikhaya lesikhashana kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila kulandela ukunqamula kwakhe inkontileka neqembu lase-USA, iColorado Springs Switchbacks ngenxa yokungakwazi ukubuyela khona.
Ukuvalwa kwemingcele phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA ngenxa yemigomo ehambisana nokuvikelwa kokubhebhetheka kweCovid-19 yikho okwenze uLebese neSwitchbacks banqume ukuthi babuqede ubudlelwano babo.
Lokhu kushiye uLebese engasenaqembu futhi ekhululekile ukuthi engajoyina noma yiliphi ngaphandle kwenkinga. Uzokwazi ukubhaliswa kwiPremier Soccer League bese eyadlala kuyo me sizini.
Ngokuthola kwethu, uLebese usayine inkonteka yesikhashana kwiTTM ezophela ekusongweni kwale sizini. ULebese bekulindeleke abe yinyama emaqenjini amaningi kwazise ithalente lakhe elagqama kakhulu esekuKaizer Chiefs alingatshazwa.
Nokho uhambe kuleli eya phesheya isithunzi sakhe sesehlile kancane ngenxa yokushikisha kwakhe ibhentshi kwiMamelodi Sundowns iminyaka emithathu yonke, ehlukeka wukuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo ngaphansi kukaPitso Mosimane owayepheka iBrazilians ngaleso sikhathi.
Okusolakala ukuthi kwenze amaqembu awangaba nondlandla wakhe nokho kuthiwa wukuqonga kwemali ayifunayo kwazise ubeyikha ngamafosholo e-US.
Khonamanjalo, iTTM seyiqashe uLuc Eymael njengomqeqeshi wayo omusha kulandela ukudedela uDylon Kerr, ovele watchelwa ukuba angabe esaphinde abuye ejimini.
Nokho kuqubuke umsindo njengoba leli qembu lehlulekile wukuthumela umuntu ozolanda u-Eymael esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ngoLwesine ntambama.
U-Eymael unegama elibi kuleli kulandela ukuthi ahamba eshiphile, engasazwani noSteve Komphela bebenga umsebenzi wakwiChiefs owawubanjwe uKomphela kodwa Lo mqeqeshi waseBelgium ezibona engawenza kangcono.
Uke wavalwa ukubuya kuleli kulandela ukuthuka kwakhe abalandeli neqembu laseTanzania ayeliqeqesha, ebafanisa nezinkawu ethinbabanga umsindo bebe bengazi lutho ngebhola. Wasolwa ngokucwasa ngokwebala, waxoshwa kwiSimba SC.
IChippa United nayo ike yazama ukubuyisa kodwa yasolwa kakhulu yaze yagcina ikuhoxisile ukumqasha kwayo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *