ULebese usezama kwiSwallows, umqeqeshi uthi usazocabanga ngaye

ULebese usezama kwiSwallows, umqeqeshi uthi usazocabanga ngaye
UGeorge :ebese
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usevele wayishiya phansi indaba yeSekhukhune United uGeorge Lebese, usezama kwiSwallows FC. ULebese ubeziqeqesha neSekhukhune kodwa washiya phansi ngenxa yokungacaci kwezinto ngokuthi lizobe lidlala kuphi leli qembu ngesizini ezayo.

Lokhu kungenxa yokuthi kusenecala elisenkantolo la iRoyal AM ilwisana nokuthi kubekwe iBabina Noko njengompetha beGladAfrica Championship. IRoyal AM ithi yiyo eyawina lesi sigaba nokumele yenyuselwe kwiDStv Premeirship ngaphandle kokudlala emidlalweni yokuhlunga.

Lokhu kungacaci kwezinto yikho okwenqenisa uLebese ukuthi asayine kulo. Abasondelene naye bathi wesabela ukuthi uma engasayina kuleli qembu bese liphoqeleka ukuyodlala kwiChampionship uzoba nenkinga.

Uqale ukujima neSwallows ngesonto elidlule. Unethemba lokuthi leli qembu lizomsayisa ukuvala izikhala zabadalli abalishiyile. Kodwa umqeqeshi walo, uBrandon Truter, uthi usafuna ukubona ukuthi ukulungele kangakanani ukudlala kuqala.

“Usenesikhathi eside engadlali kodwa uyambona ukuthi ibhola likhona kuye. Akukho okutheni esingakusho okwamanje,” kusho uTruter kwabeKickOff.

FUNDA NALA: UJessica Motaung unxenxa abantu bakuleli ukuthi behlise umoya

“Sifuna ukumnika ithuba lokuthi azame ukwenyusa ukuba fithi kwakhe, simenze abe sesimweni esihle. Ungumdlali omuhle impela, lokho akungabazeki. Uselikhombisile izinga lakhe ejimini.

“Kodwa ke, njengoba bengishilo ekuqaleni, sizomlinda abe fithi ngokwanele kuqala bese sibona ke ukuthi kwenzakalani ngemuva kwalokho. Ibhola lona likhona laphaya,” kusho uTruter.

ISwallows seyivele isanda kuvuselela ibhola lomunye wabadlali abese benesikhathi bagcina ukudlala. Isanda kusayina uThandani Ntshumayelo owamiswa iminyaka emibili ngesikhathi esadlala kwi-Orlando Pirates kulandela ukutholakala nezidakamizwa egazini lakhe.

Uke wazama kwiBaroka ngemuva kokuphela kwesigwebo sakhe kodwa yasheshe yamdedela. ISwallows seyimsayinile kanti isimbhalisile nakwiPSL njengomunye wabadlali ezobasebenzisa ngesizini ezayo.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.