ULebo uvuma eyokuphela kwamandla kuye newele lakhe

ULebo uvuma eyokuphela kwamandla kuye newele lakhe
ULebo noLebogang Phalula
Alfred Ngubane 

Isihlabani seBoxer Athletics Club uLebo Phalula, owake waba ngumpetha weSpar Ladies 10km, uthi amandla akhe newele lakhe uLebogang aseyaphela kwezokusubatha.

Uthi lokhu kungenxa yokuhamba kweminyaka nokho uthi kunabasubathi ababona bephethe isibani sezwe ekulimeleni.

ENgxoxweni ekhethekile abe nayo neMpempe, uLebo uthi ubona uJanet Mbele weXcel Running Club enamandla nomoya futhi uyabekezela.

“Ngombona sengathi nguye ozoba yisibani sezwe lethu ngoba ngiyacabanga uzokwenza kahle kuma-Olympic Games nakwiDiamond League,”  kusho uLebo.

UMbele, usemncane kanti udabuka eMzimkhulu ubonakala enekusasa eliqhakazile njengoba esanda kunqoba iBest of the Best Marathon eThekwini.

Ngaphambilini unqobe iHarry Gwala Marathon, Zululand Marathon neminye imijaho emningi kakhulu.

“Uyadlondlobala umjaho nomjaho okubonisa ukuthi uyazimisela yingakho ehlale ezidlela amahlanga nje,”  kusho uLebo.

FUNDA NALA: Isililo kudutshulwa unozinti weqembu le-ABC Motsepe eKZN

Uphinde wancoma intokazi esencane ephuma eFilidi kodwa esizinze eMpumalanga uGlenrose Xaba ogijimela iBoxer Athletics Club.

UGlerose uphekwa umakadebona uMichael Seme wodumo lokuqeqesha abasubathi abaningi esingabala kubo uCaster Semenya anqobe naye igolide kuma-Olympics kwi-800m.

Useke waqeqesha noSteven Mokoka ophethe amarekhodi amaningi kanjalo noPrecious Mashele.

“UGlenrose usezikhombisile ukuthi ungumpetha wokuzalwa njengoba esenqobe iSpar Ladies 10km waphinda wanqoba nemijaho emnini kuphetha,” uLebo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.