ULebusa uthi kubavule amehlo ukungenelwa kweSundowns amagoli

ULebusa uthi kubavule amehlo ukungenelwa kweSundowns amagoli
UMosa Lebusa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UMosa Lebusa uthi ukungenelwa kwabo amagoli amabili emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlunga kwiCAF Champions League kubavule amehlo.

ULebusa uthi njengoba badedela amagoli amabili bebambana neManiema Union yaseDemocratis Republis of Congo ngeviki elidlule, sebeyazi ukuthi kumele baqinise kuphi.

“KwiChampions League uke ubhekane namaqembu akuqonda ngqo, adlala eze kuwe uma ithuba liwavumela.

“Sifundile kulowa mdlalo ngoba okumele sikwenze wukuqinisekisa ukuthi iqembu liyangena esigabeni semidlalo yamaqoqo kulo mqhudelwano,” kusho uLebusa.

ISundowns ayivalanga kahle emuva ibhekene neManiema futhi egolini lokuqala uLebusa wenza iphutha elingafani naye.

“Abalona iqembu elibi futhi banabadlali ababukhali impela ikakhulukazi ezimpondweni, beza kini ngqo.

“Sengikujahile ukubona ukuthi bazoqhubeka kanjena yini nasemlenzeni wesibili,” kusho yena.

Umlenze wesibili useLoftus Stadium ePitori ngeSonto ngo-4 ntambama la iSundowns kubhekwe iqede umsebenzi.

ISundowns isethubeni elihle lokudlulela phambili njengoba yashaya amagoli amabili ekuhambeni nje.

Nokho kusazomele iqinisekise ukuthi iyawina noma umdlalo uphela zibambene kungenagoli kuleli ukuze idlulele phambili.

“Ngifuna ukubona ukuthi bazodlala ngendlela efanayo yini ngoba lapha inkundla ivulekile futhi ayinabo utshani bokukhandwa njengeyabo.

FUNDA NALA: UTinkler uyancoma kodwa akenelisekile ngeCity

“Ngicabanga ukuthi kuzoba nzinyana kubo kodwa ke ngeke ube nasiqiniseko uma udlala nalamaqembu.

“Thina kumele siqinisekise ukuthi siyawena owethu umsebenzi,” kucacisa lo mdlali wasemuva.

“Into eyodwa esesiyazi ukuthi nathi ayasingenela amagoli, sasazi siyofika leso sikhathi kodwa besingalindelanga ukudedela amabili wonke kubo.

“Kodwa ke kusisizile ngandlela thile kwasikhumbuza ukuthi nathi siyiqembu njengawo wonke futhi siyangenelwa amagoli uma senza amaphutha.

“Okubalulekile esimweni esinjena wukuthi uvuka kanjani uzithathe uhlome indlela phambili ngoba kwiCAF uma amaqembu ebona ukuthi uyawavala emuva, ahqamuka namanye amaqhinga.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.