ULedwaba angase axoshwe kwiSafa emsola ngokungezwa

ULedwaba angase axoshwe kwiSafa emsola ngokungezwa
URia Ledwaba
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubizelwe esigungwini esiqondisa izigwegwe uRia Ledwaba ongomunye wezikhulu zenhlangano eyengamele ibhola kuleli iSafa.

Kuthiwa uLedwaba akaziphathi kahle futhi udicilela igama lale nhlangano phansi nokuyisona sizathu azoqondiselwa sona izigwegwe.

ULedwaba uyilungu lesigungu esiphezulu esengamele iSafa kanti uke wakuveza ngasekuqaleni kwalo nyaka ukuthi uzolungenela ukhetho lokwengamela le nhlangano ngonyaka ozayo.

Lesi sikhundla kumanje siqhoqhobelwe nguDanny Jordaan. Ukuquliswa kukaLedwaba amacala kubukeka kungenye yezindlela zokumdedisa.

Phela kuthiwa usefana neva elibahlabe kabuhlungu abaphathi beSafa njengoba enemibuzo ngokuthi yasebenza kanjani imali eyatholwa yile nhlangano ngo-2010.

Ususiwe esikhundleni sakhe sokuba yiphini likamengameli ngoJuni benoGay Mokoena, ngokubika kweSunday World.

“Wena, ngokuzenzela kwakho, wabiza umhlangano ongekho emthethweni wamalungu eSafa ngomhla ka-17 no-18 ku-Ephreli 2021.

“Lokhu kuphambene nemithetho nemigomo yeSafa. Usebenzise nezinsiza zeSafa ngoJuni ngaphandle kokuthola imvume yokwenza lokho.

FUNDA NALA: UBroos uthi wake wambiza uDolly kwiBafana wamqhenyela

“Usebenzise ibheji lenhlanhlano ngokungekho emthethweni ukuvula i-website ebizwa nge-‘Operation Restoration’ ngaphandle kokuthola imvume.

“Lokhu kufake igama lenhlangano ehlazweni elibi,” ifundeka kanje ingxenye yencwadi ebhalelwe uLedwaba yiSafa.

Elinye icala asolwa ngalo ngelokubhalela ungqongqoshe wezemidlalo uNathi Mthethwa ngaphandle kokugunyazwa.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.