ULee ushaye into ecokeme ngesikhathi amaProteas eshaya i-India

ULizelle Lee wamaProteas udlale kahle bebhekene ne-India

SIHLE NDLOVU

ULizelle Lee uqobele ebhodini ama-run angu-132 engaphumanga ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya i-India ngama-run ayisithupha emdlalweni wosuku olulodwa wesithathu e-Ekana International Cricket Stadium, eLucknow, e-India ngoLwesihlanu.

ULee ubelishaya ngokukhulu ukukhululeka ibhola kulo mdlalo kanti umdlali omlekelelile uMignon Du Dreez ophume esebeke ebhodini ama-run angu-37. UJhulan Goswami uyena oke wamisa kabi amaProteas ngesikhathi ethatha iwikhethi kaDu Preez nokwenze ukuthi umdlalo ushintshe. AmaProteas aqalile ehla ekushayeni ama-run nokuholele ekutheni kuwe enye iwikhethi kaMarizanne Kapp, ophume enedada. UGoswami ugcine ethathe amawikhethi amabili kulo mdlalo

AmaProteas iwona awine ithosi akhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo. I-India ibhethe kahle kakhulu njengoba ihlanganise ama-run angu-248, kanti uRaut uyena owenze kahle kwababhethayo ngokushaya ama-run angu-77. Omunye umdlali owenze kahle kakhulu kwi-India uDeepti obeke ebhodini ama-run angu-36 engaphumanga. UHarmanpreet naye wenze ama-run angu-36, kanjalo noMithali, kanti ngasohlangothini lweNingizimu Afrika i-Ismail Shabnim uthathe amawikhethi amabili.

Umdlalo umiswe yisimo sezulu esingesihle ngesikhathi amaProteas edinga ama-run angu-26 emabholeni angu-21. Bekunesiphepho esinzima nezulu lina nokuyinto evele yenzeka esikhaleni nje ngoba belibalele saka e-India ngesikhathi kuqala umdlalo. AmaProteas awine ngama-run ayisithpha kwi-D/L method.

Ukuwina kwamaProteas lo mdlalo wesithathu wosuku olulodwa, kuchaza ukuthi asehamba phambili ngo 2-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emihlanu. Umdlalo wesine ozobe ubaluleke kakhulu kuwona womabili amaqembu uzokuba ngeSonto enkundleni efanayo.

Uma kuwina amaProteas ngeSonto kuzosho ukuthi asehambe nalo uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa. Nokho uma kuwina i-India kuzosho ukuthi kuzosiphuka izidindi emdlalweni wokugcina wesihlanu ozokuba ngoLwesithathu enkundleni efanayo.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *