ULegs of Thunder uxwayisa iThwihli Thwahla ngeTuks

UJerry Sikhosana
Sihle  Ndlovu

UJerry “Legs of Thunder” Sikhosana, owayedlalela i-Orlando Pirates, uxwayisa iRoyal AM ngobungozi obuza ne-University of Pretoria, egijima kwiGladAfrica Championship.

IThwihli Thwahla izobhekana neTuks emdlaweni we-quaterfinal yeNedbank Cup, kulandela ukuqhathwa kwamaqembu kulo mqhudelwano ngoMsombuluko.

“Uzoyikhumbula i-University of Pretoria eyayibophele o-Andile Jali ukuthi yahamba yaze yafika kowamanqamu kulo mqhudelwano,” kusho uSikhosana obengomunye wababesiza ngesikhathi kuqhathwa amaqembu.

“Ngifisa ukubona impela ukuthi iRoyal AM izoyithini iTuks ngoba izoza kulo mdlalo ingeke ilahlekelwe yilutho. Kungayigqugquzela kakhulu ukushaya iRoyal AM njengoba izama nokuqeda endaweni ekahle kwilogi yeGladAfrica Championship.”

I-Tuks isendaweni yesithathu kwilogi yeChampionship, kanti isele ngamaphuzu amathathu kwiRichards Bay FC, ezihola phambili. Sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye ukuthi kusongwe isizini.

Ngo-2009 iTuks ifinyelele kowamanqamu weNedbank Cup lapho ishaywe khona yiMoroka Swallows FC ngo 1-0. Ngesizini ka-2011/2012 leli qembu libe selinyukela kwiPremiership, liqeqeshwa uStephen Haupt.

Imidlalo yeNedbank Cup: Tshakhuma v SuperSport United; Mamelodi Sundowns v Summerfield Dynamos; Royal AM v University of Pretoria; Marumo Gallants v Baroka FC.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.