OkaDonga Gumbi
Ngesikhathi uWayde Lekay esayinwa yiTS Galaxy ekuqaleni kwesizini edlule, wayebukeka enakho konke okungamenza umgadli oyingozi.
Indlela akheke ngayo, ubude, ijubane nokukwazi ukukhahlelela ipali yizo izinto ezaheha iso labeGalaxy beze bemlanda kwiSTeenberg United eyayidlala kwiGladAfrica Championship.
Nokho lo mgadli osemncane akakafiki ezingeni abelindeleke kulo. Into enhle ke kodwa nagye wukuthi akazikhohlisi, futhi nje ungumuntu osheshayo ukuzinuka amakhwapha.
“Mina ngihlezi ngifuna ukuba ngcono usuku nosuku,” usho kanje engxoxweni abe nayo neMpempe kuleli viki lo mgadli oneminyaka engu-24.
“Ngesikhathi ngifika kulesi sigaba – mina ngingumuntu ozethembayo sidalo nje – ngangicabanga ukuthi kuzoba lula njengoba ngangiqhamuka esigabeni esiphansi. Kodwa ngasheshe ngabona ukuthi akunjalo.
“Kule ligi akusebenzi kuphela ukuthi ukwazi ukukhahlela noma ukwazi ukugijima ushiye abanye ngoba uhlangana nezitobha ezihlakaniphile.
“Ngakho, kumele nawe ube nobuchule obuthile endleleni odlala ngayo. Kwisizini yami yokuqala ngangishoda ngalapho. Kodwa ngenxa yabadlali esinabo eqenjini, ngiyafunda.
“Okubaluleke kakhulu ukuthi ufunde bese uthuthuka zonke izinsuku,” kusho lo mgadli odabuka eKapa.
Uthi njengoba sekuyisizini yakhe yokuqala sekuyisikhathi sokuthi avelele, agqame naye ngekhono lakhe abe ngomunye wabagadli abaphambili kuleli.
FUNDA NALA: UMakhaula akanalo uvalo ngeCasablanca ababhekene nayo kwiChampions League
“Into ebalulekile manje wukuthi nginyukele ezingeni elilandelayo. Abaqeqeshi bayangisiza kakhulu. Ngikholwa wukuthi nginalo ikhono elingangenza ngivelele.
“Nokho ke kulele kuMdali ukuthi sesifikile yini isikhathi sami. Kodwa ngiyakholwa wukuthi sengingena okungcono manje.
“Yisizini yami yesibili lena futhi ngikholwa wukuthi sengifunde ngokwanele yingakho sekumele kusetshenzw eke manje. Akumele weneliseke kuleli zinga okulo, kumele ufise okungaphezulu.
Ukugqama uhlose ukukwenza uma sebebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
“Kumele uzakhele owakho umlando. Ngeke ngikwazi ukuzincoma ngomlando weTS Galaxy wokushaya iChiefs kowamanqamu (ngo-2019) ngoba ngangingekho lapho.
“odwa uma ngingalishaya igoli kulo mdlalo ozayo kungasho ukuthi nami ngizakhele owami umlando kulo mdlalo.
“Njengoba nosihlalo wethu ehlale esho, umdlalo wethu neChiefs uwumbango omkhulu… umdlalo wonke umuntu ofuna ukuwubuka.
“Ngakho kungaba kuhle ukushaya igoli kulo mdlalo, kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi siwuwine lo mdlalo. Uma singakwazi ukushaya iChiefs kungakhombisa ukuthi asizile ukuzosinisa amahleza kule ligi.”