ULekay we-TS Galaxy usebheke ukukhokha isikweletu kwiChiefs

ULekay we-TS Galaxy usebheke ukukhokha isikweletu kwiChiefs
UWayde Lekay
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UWayde Lekay we-TS Galaxy uthi akasayibekile emqondweni indaba yokuthi wageja iphenathi ngesizini edlule ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs.

IRockets ivale isizini ngokubhekana naMakhosi yashaywa ngo 1-0 ngesizini edlule. Lo mdlalo wawubalulekile ngoba yilapho kwakuzohlaluka khona iqembu elalizongena kwiTop 8.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

“Yisizini entsha, izinto ezintsha engifuna ukuzizuza nesifuna ukusebenza kuzona. Akekho odinga ukugqugquzelwa ukuze adlale neChiefs.

“Akekho odinga ukugqugquzelwa ukuze ashaye igoli ebhekene neChiefs,” kusho uLekay. “Ingelinye lamaqembu ahamba phambili ezweni.

“Ingelinye lamaqembu aziwayo ezweni, futhi kuhlale kuyiphupho labo bonke abadlali ukubhekana nayo.

“Uma ngilithola ithuba lokudlala sesibhekene neChiefs ngizokwenza konke okusemandleni,” kuchaza lo mgadli osemncane.

IChiefs iyiqale kabi isizini njengoba iwashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns kwiMTN 8 ngempelasonto edlule.

Akungabazeki ukuthi uStuart Baxter nezakhe bazozama ukubuyisa isithunzi emdlalweni wangeSonto.

ULekay uthe kumjabulisa kakhulu ukudlalela iGalaxy nokudlala enkundleni ayithandayo iMbombela Stadium.

“Ukudlalela iqembu elifana ne-TS Galaxy kumnandi kakhulu ngoba uthola ukwesekwa ngayo yonke indlela.

“Kubo bonke abadlali abazobe bedlala okokuqala kwi-TS Galaxy ngeSonto ngizobeseka ngoba nami ngathola ukwesekwa okufanayo ngifika,” kusho uLakay.

“Singumndeni eqenjini ngakho sizolwelana. Yinkundla enhle le ngakho abadlali kumele bakujabulele ukudlala kuyona.

“Ngesikhathi sigcina ukudlala kule nkundla ngafika ebusuku ngaziqeqesha. Uba nalowo umuzwa wokuthi sekuyke kwadlala izinkakha kule nkundla.

FUNDA NALA: Kuvelele uMapimpi kuwina amaBhokobhoko

“Imidlalo yasebusuku iyona emnandi kakhulu ukuyidlalela eMbombela Stadium. Ngalobo busuku ngangizethemba kakhulu ukuthi ngangizokwenza kahle.

“Nakulokhu ngizizwa ngendlela efanayo. Sisebenze kanzima ukuzilungiselela isizini ngakho sinokuzethemba okukhulu ngaphambi kwalo mdlalo.”

Umdlalo weGalaxy neChiefs iwona ozovala impelasonto yePremiership yakuleli. Ivulwe yiMamelodi Sundowns esshaye AmaZulu ngoLwesihlanu kusihlwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.