ULekgwathi udlovelwe esitolo sakhe ngabebebhikisha, bazitapela

ULekgwathi udlovelwe esitolo sakhe ngabebebhikisha, bazitapela
ULucky Lekgwathi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Ukungenela ezitolo kutatshwe impahla kushiye owayengukaputeni we-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi ebamba eyeka sebeyidlove basiqeda isitolo sakhe sokudla eGoli.

Lesi sitolo kuthiwa uLekgwathi ubesanda kusivula njengoba efuna indlela yokuziphilisa nomndeni wakhe njengoba engasasebenzi ndawo kusukela abeka amakhokho ethala.

Kodwa imali yakhe ayifake akha lesi sitolo ebesidayisa ukudla okuhlukene sisale singenalutho sihliphizwe saqedwa ngabebebhikisha okuthiwa balwela ukuba kukhululwe owayengumengalemi kuleli, uJacob Zuma.

ULekgwathi akafunanga ukuphawula kakhulu ngokumehlele, uvele wafaka i-video eveza umonakalo kwiFacebook wayiphelezela ngomlayezo othi ushiyela konke kuMdali, nguye ozobona.

Abantu baphendule beveza ukuzwelana naye bemkhalisa. UThabo Pelesane ubhale kanje: “ULucky Lekgwathi wavula le ndawo enhle ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. Kuyadumaza okwenzeke kule ndawo njengoba seyiqedwe nya.

“Sengize kwaze kwakabili lapha kule ndawo yokudla futhi bekunabantu abane abaqashiwe kuyo. Kungani sibulala abantu bakithi kanje?”.

FUNDA NALA: UMato Madlala unqabe noKhenyeza obefunwa yiLeopards azoyiqeqesha 

Imizamo yokuthola uLekgwathi ukuthi aphawule ngalokhu ayiphumelelanga kodwa sizoqhubeka simzame bese sikwazisa ngakushoyo. Kuyinto ehlale ikhuthazwa kuleli ukuthi ababengabadlali bavule amabhizinisi azobaphilisa uma bengasadlali.

Iningi labadlali lishona lingasenalutho ngenxa yokuphelelwa yizimali uma seliyekile ukudlala kwazise ukudlala ibhola umsebenzi osheshe uphele.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.