ULekgwathi unethemba ngePirates kwiConfederation Cup

ULekgwathi unethemba ngePirates kwiConfederation Cup
U-Olisa Ndah noBandile Shandu
OkaDonga Gumbi

Ubukhona buka-Olisa Ndah sekwenze umehluko odongeni lwasemuva lwe-Orlando Pirates, ngokubona kwenkakha yaleli qembu uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi.

ULekgwathi uthi uNdah, waseNigeria, noKwame Peprah wase Ghana bafike nomehluko kwiPirates futhi bazoba wusizo njengoba iqala umkhankaso wayo kwiCaf Confederation Cup nje.

IPirates izowuvula ngeJS Saoura yase-Algeria umkhankaso wayo isekhaya e-Orlando Stadium ngeSonto ngo-6 kusihlwa.

“Lowa mfana (uNdah) ubekwi-Afcon la akhombise khona ukuba ngumdlali osezingeni eliphezulu futhi ngicabanga ukuthi ufike nozinzo emuva (kwiPirates).

“Bese kuba wumgadli (uPeprah) uyambona nje ukuthi uwalambele amagoli kanti lokho kuzosiza kakhulu eqenjini,” kusho uLkgwathi kwiPhakaaathi.

Ube esecebisa ezakhe zakudala ukuthi zilisebenzise kahle ithuba lokuthi zidlala ekhaya ngokuthi ziphume nomphumela omuhle e-Orlando.

FUNDA NALA: ISundowns idlule ngengcuphe kwi-Al Hilal ebisho ukuyijuqa

“Ngiyalethemba iqembu, ngibabukile ngesikhathi bedlala naMaZulu kwiNedbank Cup futhi ngibone bedlale kahle futhi kuningi abangakuzuza ngokuqhubeka ngokudlala kanjeya.

“Ngakho ke, uma beya kulo mdlalo ngiyazi kuzoba nzima ngoba lamaqembu asenyakatho ne-Afrika ahlezi eyinkinga uma ubhekene nawo –  kodwa lokho kuba kakhulu uma besekhaya.

“Manje njengoba kuyithi nje esisekhaya, kumele sikusebenzise lokho ukuze sithole umphumela omuhle.

“Ngidlale kaningi namaqembu asenyakatho ne-Afrika futhi ngiyawazi anjani, kodwa ngiyabethemba abafana bazowenza umsebenzi,” kuchaza le nkakha eyayingukaputeni kwiBucs.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.