ULekgwathi uthi uHlatshwayo ucindezelwa yibhande kwiPirates

ULekgwathi uthi uHlathswayo ucindezelwa yibhande kwiPirates
UThulani Hlatshwayo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ingwazi ye-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi isola ukuthi usindwa yibhande uThulani Hlatshwayo oshaya udaka kuleli qembu laseSoweto.

UHlatshwayo ufike kwiPirates ekuqaleni kwesizini edlule ethwelwe ngeqoma kodwa izinto zisamphika okwamanje.

Uthe efika nje wabe enikwa ibhande lobukaputeni kwazise bese kunesikhathi eside kuthiwa uyeza kuleli qembu.

Naye wake wakuveza ukuthi uvele wakhula engumlandeli walo futhi uyafisa ukudlala kulo. Kodwa uLekgwathi usola ukuthi ibhande usheshe walinikwa.

“Uyazi uma ufika eqenjini elikhulu ziningi izinto odinga ukuzijwayela,” kusho uLekgwathi oyengukaputeni iPirates iwina izicoco ezintathu amasizini elandelana.

“Akukhthalekile ukuthi uyisihlabani esinegama noma awusona, izinto zenziwa ngendlela ehlukile emaqenjini amakhulu.

“Yena uyambona ukuthi akasiyena lo esimaziyo kusukela afika kwiPirates. Mina ngicabanga ukuthi udinga ukwelulekwa kahlkuze abuyele ekubeni yilo mdlali esimaziyo.

ULekgwathi uthi kumele asondelane nomdlali ofana noHappy Jele ukuze amjwayeze kahle kuleli qembu.

“Abadlali asebekhulile njengoHappy Jele kumele bamsize. Kumele bamsize abuyele ebholeni lakhe ngoba asimboni kahle kusukela efikile kwiPirates.

“Siyazi ukuthi ungomunye wezitobha eziqavile kuleli. Sakubona lokho kwiWits nakwiBafana phambilini.

“Kodwa ngicabanga ukuthi ukuthi kuthi efika nje kwiPirates anikwe ibhande kumfakele ingcindezi enkulu kakhulu.

ULekgwathi uthi enye into esimphazamisa uHlatshwayo wukuthi usethatha ngenhliziyo ngoba ezama ukugeza igama lakhe.

FUNDA NALA: Ubuyele ngopotsho uNgcobo weChiefs kwiBafana

Sekukaningi amaphutha akhe edlisela iPirates kanti useke waze washaya negoli ngasekhaya okwenza abanye babalandeli bashaye amakhala ngaye.

“Uyazama ukuqinisekisa ukuthi akawenzi amaphutha futhi ufuna ukwenza yonke into ngobunyonico. Kodwa lokho akukamsebenzeli.

“Kumele angazami ukuthwala iqembu yedwa kodwa asebenzisane nabanye, afunde kubadlali asebenesikhathi bekhona eqenjini.

“Uma engenza njalo ngikholwa wukuthi engawubona umehluko abuyele nasebholeni esimazi ngalo,” kuchaza uLekgwathi.

Selokhu efike kwiPirates, uHlatshwayo uselahlekelwe nayisikhundla sakhe sokuba ngukaputeni kwiBafana futhi akasekho naseqenjini layo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.