ULentjies akafuni ukuxoxa ngokwenze iChippa kwiNedbank Cup nyakenye

ULentjies
UKurt Lentjies
OkaDonga Gumbi

Akafuni ukuzifakela ingcindezi umqeqeshi weChippa United uKurt Lentjies njengoba ezakhe ziqala umkhankaso weNedbank Cup ngoLwesihlanu ntambama.

IChillie Boys izogadulisana ne-University of Pretoria eTuks Stadium ngpLwesihlanu ngo-3 ntambama.

Leli qembu likaLentjies lageja ekugcineni kulo mqhudelwano ngesizini eldule njengoba lahlulwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila kowamanqamu.

Okwamanje uLnetjies uthi akafuni ukugxila kulokho yize ethemba ukuthi kuzokwenza abadlali bafune ukwenza kangcono kulokhu.

“AmaTuks aseke abakwiPremiership phambilini, kodwa bebedlala kwiGladAfrica Championship kule minyaka embalwa edlule,” kusho uLentjies.

“Kuhlezi kunzima ukudlala nabo. Kodwa ke sizibheke thina. Sibuye eholidini elide ngoJanuwari 10 futhi nginesiqiniseko sokuthi abadlali sebekujahile ukudlala.

“Selufikile ke usuku lwalokho. Sizilungiselele kahle. Kunzima ukuqagela izinga esizobe sikulo, sesizobona khona emdlaweni ukuthi kumele siqinise kuphi ukuze siwine lo mdlalo.”

FUNDA NALA: UPhumlani Mkhize uvuma eyokuhlulwa utshwala obamqhatha nenhlupheko

Ebuzwa ukuthi ngabe abadlali bakhe bazobe bekucabanga yini okwenzeka ngesizini edlule, uthe:

“Mhlawumbe kuzoba njalo. Kodwa njengamanje esikubhekile wukuwina umdlalo bese sidlulela esigabeni esilandelayo.

“Sifuna ukuwina yonke imidlalo esidlala kuyo, akukhathalekile ukuthi sidlala naliphi iqembu. Siphume endaweni yesibili kulo mqhudelwano ngesizini edlule.

“Cishe lokho kuzobafaka umoya wokuthi bafune ukwenza kangcono kulokhu ngoba kuhlezi kukhunjulwa abawina hhayi abalala isibili.

“Ithuba lokuqala kabusha leli kithina, sizoqala ngamaTuks sibone sibhekaphi ukusuka lapho,” kuchaza yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *