ULentjies uphoxe uMpengesi embhampela ezama ukumsiza

ULentjies uphoxe uMpengesi embhampela ezama ukumsiza
UKurt Lentjies ucikeke washiya phansi kwiChippa United
Sbongs Gumbi

USiviwe Mpengesi uthi simphoxile isenzo sikaKurt Lentjies sokumbhampela ekubeni ebezama ukumsiza ukuze aqhubeke nesikhundla sokuqeqesha iChippa United.

UMpengesi, ongumphathi weChippa United osezakhele igama elibi lokusheshe axoshe kubaqeqeshi, uhlanze lonke iqiniso ngokushiya kukaLentjies kuleli qembu.

IChippa iqashe uDaine Klate njengomqeqeshi, ethatha izintambo kuLenjties okuphele isizini edlule kunguye opheka leli qembu.

ULentjies wenze umsebenzi omuhle njengoba ekwazile ukulivikisa izembe leli qembu laseGqeberha kodwa kwethusile ukuthi avele adedelwe nje bese kuqashwa uKlate.

IChippa yamemezela ukuthi uLentjies umisiwe njengoba kusaqedelwa izingxoxo zokuqashwa komqeqeshi.

Yize abaningi bashaya amakhala ngalokhu, kodwa kwakuqondakala kwazise naye wayezibhekile kulesi sikhundla esigcine simphunyukile.

Ekhuluma noThabiso Mosia weSAfm kuleli viki, uMpengesi uthe uLentjies washiya isigubhukane ngoba engahambisani nombono wokumtholela ozomsiza.  

“Ngaphoxeka kakhulu… Ukube likhona elinye igama elingaphezulu kwaleli elichaza ukuphoxeka, ngabe ngisebenzisa lona,” kusho uMpengesi uma ebuzwa ngalokhu.  

“Bekuzoba yinto enhle kakhulu kuye. Ngangithatha amashansi nje ngokuqasha yena. Ubengenawo amava futhi nezicucu zokuqeqesha anazo zisezingeni eliphansi kakhulu.

“Bekufana nokuthatha uthisha wasenkulisa umnyusele enyuvesi uthi akayofundisa khona. Uzamile yena kodwa ngokuhamba kwesikhathi sibonile ukuthi kukhona lapho eshayeka khona ngenxa yamava.”

UMpengesi uthe babe sebexoxisana naye ngenhloso yokuthola ukuthi engavuma yini ukuba atholelwe omunye umqeqeshi onamava ukuba basizane naye kodwa wenqaba.

“Phela ngisho iqembu eliphambili kuleli (iMamelodi Sundowns) alinaye umqeqeshi oyedwa. Abanabo ababili kodwa kukhona nomqeqeshi omdala.

“Okusho ukuthi banabaqeqeshi abathathu. Lokho kuyakhombisa ukuthi kunzima kanjani kuleli zinga esidlala kulo.

“Ngakhuluma naye ngizama ukumbonisa ngathi kuye, ngicela ukuthi silethe umuntu onamava ozokusiza. Angaba yiphini lakho noma niqeqeshe naye ngokubambisana. Sizama nje ukukweseka”. 

“Kodwa uvele wasithuka, yini ke obekumele siyenze? Bekungekho esingakwenza ngaphandle kokubheka engxenye. Ngiyazi abantu bayasigxeka uma sithatha izinqumo ezinjena.

FUNDA NALA: UMokwena uthi bazomqondisa uMbule, bamsize abuyele ebholeni lakhe

“Kodwa kwesinye isikhathi asibi naso isikhathi sokubachazela kahle ngezizathu ezenza sithathe lezo zinqumo. Siphoxekile, kodwa okumele sikwenze manje wukubheka phambili. 

“Kunento ehlale ishiwo ukuthi izinyembezi zomunye ziyinjabulo komunye. Silapha manje, sesiqashe uDaine Klate.” 

Nokho okusazothatha amehlo ke ngalolu daba wukuthi uLentjies usenenkontileka yokudlala kwiChippa okumele ayihloniphe.

Ukuthi uzobuya kanjani ukuzodlala ngaphansi kukaKlate yikho okuzothatha amehlo kakhulu. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.