ULentjies uzomkhulisa kahle u-Azola Matrose kwiChippa

ULentjies uzomkhulisa kahle u-Azola Matrose kwiChippa
U-Azola Matrose
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weChippa United uKurt Lentjies ukhombise isibindi esiyinqaba ngezikhathi eqalisa umfana osemncane nengenamava bebhekene neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

Yize ke iguqile iChippa, ihlulwa ngo 3-1 indlela adlale kahle ngayo u-Azola ishiye abaningi bengawuvali umlomo okubalwa kubo naye uLentjies.

Echazekile enjalo, uLentjies uthi akumele kube sekubatshazwa kakhulu ukudlala kuka-Azola kwazise kusamele akhuliswe kahle.

“U-Azola uzifake yena eqenjini eliqala imidlalo,” kusho uLentjies ngemuva komdlalo. “Besilokhu simgadile ukuthi uqhuba kanjani uma ejima nathi, noma edlala eqenjini leDDc (DStv Diski Challenge). 

FUNDA NALA: U-Alexander ujabule ngendlela abuye ngayo kwiChiefs eshaya igoli

“Mina ayingithusanga indlela adlale ngayo ngoba bengivele ngimbonile nasejimini ukuthi uza kahle kakhulu. 

“Ngimjabulele kakhulu. Kodwa njengeqembu sinomsebenzi onzima wokumvikela. Akumele silindele ukuthi avuthe amalangabi kuyo yonke imidlalo.

“Kumele simdlalise ngezikhathi ezifanele. Kodwa ke konke kuncike kuye. Kumele aqhubeke azikhandle ejimini.

“Asikwazi ukuthi adlale kahle kanye bese sibabaza sithi sesivundulule uMessi noma uRonaldo. Kumele awubambe umgqigqo, ahlale ezinikele njalo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *