ULepasa, Lorch noMaela basekude ukubonakala kwiBucs

ULepasa, Lorch noMaela basekude ukubonakala kwiBucs
UZakhele Lepasa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates seyiveze ukuthi abadlali bayo abathathathu basekude ukubonakala kuleli qembu njengoba besalashelwa ukulimala.

Laba badlali ngoZakhele Lepasa, Thembinkosi Lorch no-Innocent Maela kanti uRuchard Ofori yenuzosheshe abuye.

ULepasa selokhu alimala ngoDisemba wonyaka odlule njengoba aphuka bedlala neBloemfontein Celtic emdlalweni wamanqamu kwiMTN 8.

Ngokusho kwePirates, lo mgadli oneminyaka engu-24 obeza kahle kakhulu usazoke angabonakali isikhashana.

Kodwa okuhle ukuthi uLepasa useqale ukulungiselelwa ukuthi abuyele ekujimeni neqembu kanti kungase kuthathe amaviki ambalwa kuya enyangeni.

ULorch yena kuthiwa uthunukale ihlombe esigamekweni esenzeke esekhaya hhayi ejimini yeqembu njengoba bekuke kwabikwa.



Kuvele ukuthi lokhu kulimala kwake kwamhlasela eminyakeni emine edlule iqembu lisaqeqeshwa nguMicho Sredojevic.

Njengoba ethunukele nje kudingeke ukuba ahlinzwe kanti kuthiwa kuzothatha izinyanga ezintathu kuya kwezine ukuba alulame ngokugcwele.

UMaela naye kuthiwa kulindeleke abuyele ejimini ngemuva kwezinyanga ezintathu njengoba esand akuhlinzwa ethangeni.

Wayeklunyuke umsipha wangaphakathi ethangeni okwenza kube nzima ukunyakazisa imilenze.

FUNDA NALA: Kwelulekwe abadlali ngezinkontileka ezingafaka enkingeni

U-Ofori ulimale ngesikhathi eseqenjini lesizwe laseGhana ngesikhathi bebhekene neBafana Bafana.

Wakhishwa umdlalo ungakapheli njengoba ayebonakala ukuthi akaphathekile kahle. Kodwa, kuvele ukuthi okwakhe akukubi kakhulu.

“U-Ofori kulindeleke engabi khona emdlalweni weDStv Premiership neChippa United. Lo mdlali waseGhana, olimale mngesikhathi eseqenjini lesizwe langakubo iBlack Stars, usezwa ubuhlungu la ethinteke khona,” ibhale kanje iPirates kwi-website yayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.