ULepasa uphoxwe oweTV ehubhuza amanga ngokulimala kwakhe

ULepasa uphoxwe oweTV ehubhuza amanga ngokulimala kwakhe
UZakhele Lepasa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umgadli we-Orlando Pirates uZakhele Lepasa useyichithile imibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana ethi uyaliyeka ibhola.

Ngokwalo mbiko, uLepasa uyeka ngenxa yokuthi ukulimala kwakhe akuselapheki futhi uselulekwe ukuba avele aliyeke ibhola.

Lokhu kuphinde kwaxoxwa nangomunye wabahlaziyi beSuperSport TV, uBrian Mathe ngesikhathi iPirates ibhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.

Yikho lokhu okucike kakhulu lo mdlali odabuka eSnake Park eSoweto, wabe esebhala kwiTwitter wakhe ekuphikisa lokhu.

“Lo mbiko osusabalele ezinkundleni zokuxhumana ungamanga. Ukwelulama kwami kusahamba kahle,” kubhala uLepasa.

“Asikho isidingo sokujaha ulubuya, kodwa sekuyalunga. Sengihambe elide ibanga futhi sengijahe kabi ukubuyela ekudlaleni.

“Ngicela niyeke ukusabalalisa amanga ngezimpilo zethu, okubi kakhulu uma senikwenza kwiTV. Kuyaphoxa.”

FUNDA NALA: UNukrovic usazonyamalala kwiChiefs njengoba ehlinziwe nje

ULepasa walimala ngasekuqaleni kwesizini edlule futhi kuze kube manje akukacaci ukuthi ubuya nini.

Uzakwabo ayelimale kanye naye, uTshegofatsho Mabasa yena usebuyile kanti ubonakala ebuyela nasefomini yakhe.

UMabasa noLepasa babesefomini enhle ngesikhathi bekhutshwa wukulimala nokwaphazamisa kakhulu izinhlelo zePirates.

Omunye umdlali wePirates ongakabonakali kule sizini ngenxa yokulimala uThembonkosi Lorch okuthiwa walimala ihlombe esekhaya.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.