ULesufi wehlike ‘istaff’ kwiSwallows ukuze anake ipolitiki

ULesufi wehlike 'istaff' kwiSwallows ukuze anake ipolitiki
UPanyaza Lesufi obengumengameli weSwallows kodwa osesulile esikhundleni
Sbongs Gumbi

Uthe abalandeli bengalandeli yena kodwa nalandele izinyoni uPanyaza Lesufi ngesikhathi eveza ukuthi useyayeka ukuba ngumengameli weSwallows FC.

ULesufi umemezele ukuthi useshiyile kulesi sikhundla ngeSonto ntambama kulandela ukuthi eqokelwe ukuhola i-ANC eGauteng.

Njengamanje uLesufi ungimphathiswa wezeMfundo eGauteng okuyisikhundla esimenze wathandwa abantu abaningi ngenxa yokuwenza kahle lo msebenzi.

Waqokwa njengomengameli weSwallows kulandela imizamo yakhe yokubuyisa leli qembu akhula engumlandeli walo njengoba lase lidlala ehlathini. 

Waphumela emphakathini wathembisa ukuthi uzoqinisekisa ukuthi uzolibuyisa leli qembu wabe esethola uDavid Mogashoa owafaka izimali zakhe. 

Lokhu kwaholela ekutheni bathenge isitifiketi seMaccabi FC sokudlala kwiGladAfrica Championship egcine iyiwinile yangena kwiDStv Premiership.  

Kodwa njengoba uLesufi esengusihlalo we-ANC manje, usebheke ekutheni agcine engundunankulu waseGauteng ngemuva kokhetho luka-2024. 

FUNDA NALA: Buka: UMatlaba nozakwabo becula futhi bedansela ingoma kaChakaChaka

“NJengoba sengnesikhundla esisha nje, namuhla kubuhlungu ukuthi kuphoqeleke ukuthi ngisule esikhundleni sami sokuba ngumengameli weSwallows FC.

“Ngifisela iqembu okuhle. Ningalandeli mina, landelani iZinyoni,” kubhala uLesufi ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto ntambama.  

Impempe isingakuveza ukuthi iSwallows izomkhumbula uLesufi kwazise nguye obe nesandla ekutheni ivike izembe njengoba abadlali bese benzela yena.

Kuthiwa ukuba khona kwakhe kule midlalo yokuhlunga esinde ngayo iSwallows yikho okwenze abadlali bafake amandla kakhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.