ULetsoalo ubukise ngeLesotho edlala okokuqala kwiBafana

ULetsoalo ubukise ngeLesotho edlala okokuqala kwiBafana
UVictor Letsoalo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubedlala umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lesizwe iBafana Bafana uVictor Letsoalo. Kodwa bekungathi kudala adlala kuleli qembu lomgadli weBloemfontein Celtic njengoba ebezitamuzela nje emagolini behlula iLesotho ngo 4-0 emdlalweni weCosafa Cup ngoLwesibili ntambama.

Lo mdlalo bewuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Ekhuluma ngemuva komdlalo, uLetsoalo uthe ujabule kakhulu ngokushaya amagoli amathathu emdlalweni wakhe wokuqala kwiBafana.

“Sidlale kahle kakhulu siyiqembu. Bekuwumdlalo wami wokuqala futhi ngishaye amagoli amathathu… Ngijabule kakhulu,” kusho uLetsoalo obizwe ukuzovala izikhala ngoba sekukhona abadlali abahoxisiwe.

“Ngibizwe kuleli qembu ngingalindele ngoba ngangisale ngaphandle ekuqaleni. Kodwa ngingumuntu ohlale ezihlekela nawo wonke umuntu ngakho kube lula ukuthi ngixhumane nozakwethu. Nendlela esidlale ngayo namuhla iyahambisana nengiyithandayo yingakho ngikwazile ukubhakuzisa inethi nje.”

Kuhlangane abadlali beCeltic ukutholela iBafana igoli lokuqala kulo mdlalo kusaphele imizuzu emihlanu uqalile. USifiso Ngobeni ugobe elihle ibhola kwesokunxele walibeka ekhanda likaVictor Letsoalo ovele walingqofela enethini kalula.

Igoli lesibili leBafana libe ‘yisipho’ esivela kunozinti weLesotho. Lo nozinti ubevimba ibhola ebelikhahlelwe nguNyiko Mobbie, kodwa wavele walichitehla phambi kukaSiphelele Mkhulisi obe esevele elibeka enethini kalula.

Nelesithathu kube yiso leso. Kulokhu kube yisitobha seLesotho esivele sanika uVoctor Letsoalo isipho sokuthi udlala umdlalo wakhe wokuqala kwiBafana. Sivele sashibilika sayeka ibhola laziyela kuLetsoalo obe esebhekana ngqo nonozinti.

FUNDA NALA: UTau ubuyela kwi-Uefa Champions League uma kuya ngezifiso zeqembu laseBelgium

Unozinti uphumile ezosama ukumviba, uLetsoalo walikha waleqisa kuye layozigajelela enethini kungasekho muntu kwaba ngi 3-0 sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini.

Ngomzuzu ka-57, uLetsoalo ushaye igoli lakhe lesithathu obekungelesine leBafana. Bekuyi-free kick eshaywe nguLebohang Maboe, lazishayisa kuLetsoalo lase liya kwesokudla ku-Austin Dube. Uligobile uDube lahlangana noLetsoalo walinamathisela enethini obekungasekho muntu kuyo.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBafana idlulela phambili yize isasele nomdlalo owodwa eqoqeni layo. Izobhekana neZambia ngoLwesithathu ntambama. IZambia idinga ukuwina ukuze ibe nethuba lokuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.

IBafana iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, ilandelwa yi-eSwatini enayisithupha. Kube sekulandela iBotswana, Zambia neLesotho abanamaphuzu amathathu iqembu ngalinye.

KuGroup B, kuqhwakele iNamibia ngamaphuzu ayisikhombisa, bese ilandelwe yiSenegal ngayisisthupha. Endaweni yesithathi kuhleli iMozambique enamaphuzu amane. IMalawi neZimbabwe bona sebephumile kulo mqhudelwano njengoba benamaphuzu amabili iqembu ngalinye.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *