Ulimalile uKatsande eshaywa umlisa axabane naye emgwaqeni

Ulimalile uKatsande eshaywa umlisa axabane naye emgwaqeni
UWillard Katsande
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uvule icala obengumdlali weKaizer Chiefs uWillard Katsande, kulandela ingxabano yasemgwaqweni ephethe ngokuthi athole isimbambamba.

UKatsande usanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neSekhukhune United kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe kuMakhosi.

Ngokwemibiko yabezindaba uKatsande ubelibangise ekhaya ngesikhathi ehlaselwa eRoodeport. IKick-Off.com ithe inayo ivideo nezithombe ezikhombisa ukulimala kwemoto kaKatsande.

Ngemuva kwalokho lo mdlali uvule icala eHoneydew Police Station. Owesilisa obehamba ngemoto iFord EcoSport, kukholakala ukuthi uyena ombandakanyeka kulolu thuthuva olwenzeke ekhoneni likaHendrick Potgieter noPeter Road.

Umonakalo owenzeke emotweni kaKatsande ulinganiselwa ku-R50 000. Uphenyo luyaqhubeka mayelana naleli cala yize umsolwa kuvela ukuthi uvele wathi galo yephuka ngemuva kwesigameko.

FUNDA NALA: UKhune uwenza ube nzima umsebenzi kaBaxter kwiChiefs

Kuvele ukuthi uKatsande akafuni ukukhuluma nabezindaba ngalolu daba ngoba selusezandleni zabomthetho.

Nokho abangaphakathi kwiSekhukhune bathi uKatsande uyaqhubeka nokuziqeqesha neqembu njengansuku zonke.

Lo mdlali waseZimbabwe uhlale iminyaka eyishumi kwiChiefs awine nayo izicoco zeligi kabili. Ungene ngesiwombe sesibili ngesikhathi iqembu lakhe iSekhukhune linenebula iMaritzburg United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.