ULionel Messi uyashiya kwiFC Barcelona akhulele kuyo

ULionel Messi uyashiya kwiFC Barcelona akhulele kuyo
ULionel Messi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Seligqabukile igoda leminyakanyaka phakathi kukaLionel Messi neqembu akhulele kulo futhi abeyisihlabani salo iFC Barcelona.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yileli qembu ngoLwesine ebusuku. Bekulindeleke ukuthi uMessi asayine inkontileka entsha naleli qembu leSpanish La Liga ngawo uLwesine.

Kodwa ngenxa yemibandela elawula imihlomulo yabadlali kwiLa Liga, kugcine kungavunyelwananga. Kube sekunqunywa ukuthi kwehlukane inhloko nesixhanti.

“Yize iFC Barcelona noLionel Messi bebevumelene ngokuthi bayafuna ukuvuselela ubudlelwano futhi kusayinwe inkontileka entsha namuhla, lokhu ngeke kusenzeka.

“Lokhu kungenxa yezimali nokuhlelwa kwemihlomulo (kwiSpanish Liga),” kusho iBarcelona esitatimendeni esikhiphe kwiTwitter.

“Umphumela walesi simo wukuthi uMessi ngeke esahlala kwiFC Barcelona. izinhlangothi zombili zibuhlungu ngokuthi izifiso zomdlali nezeqembu ngeke zisafezeka,” kuqhuba lesi sitatimende.

FUNDA NALA: OweChiefs uphawula ngestufuza esinguDolly

UMessi ubeke wamataniswa neParis Saint Germain yaseFrance ngaphambi kokuthi anqume ukuthi uzohlala kwiBarca. Kodwa njengoba sekunjena nje sekungenzeka aye kwiFrench Ligue 1.

“IFC Barcelona ifisa ukumbonga ngokungaphezi lo mdlali ngakwenzele iqembu futhi imfisela konke okuhle ngekusasa lakhe ebholeni nasempilweni jikelele,” kusho iBarca.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.