ULorch angase angabokalali kwiPirates koweConfed Cup

ULorch angase angabokalali kwiPirates koweConfed Cup
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates seyiveze ukuthi kungenzeka isethenjwa somdlali uThembinkosi Lorch angabi khona uma seyidlala kwiCaf Confederation Cup ngeSonto ntambama.

IPirates zogadulisana neRoyal Leopard yaseSwatini emdlalweni wayo wesine wesigaba samaqoqo kulo mqhudelano.

ULorch walimala ngesikhathi bebhekene neMarumo Gallants kwiNedbank Cup ngoLwesithathu kusihlwa.

Yize engalimele kakhulu, kodwa kungenzeka abaqeqeshi bamonge kwazise lo mdlalo awunzima kakhulu.

IPirates yazibhudluzela kalula ngo 6-2 leli qembu lakwaNgwane ekubeni lase like lahamba phambuli ngo 2-0 kusaphele imizuzu eyishumi nje kuphela.

FUNDA NALA: UMngqithi uchazwe wukushaya kweSundowns umbimbi lweChiefs ne-Al Ahly

“Kukhona ezintsha ngokulimala kwabadlali ekhempini yeBucs njengoba uThembinkosi Lorch ethintekile.

“Wakhishwa ngohlaka emdlalweni waphakathi nesonto sibhekene neMarumo Gallants. Lo mdlali oneminyaka engu-28 usayidlale yomithathu imidlalo yethu esigabeni samaqoqo.

“Kodwa manje sekungenzeka angawuqali umdlalo wangeSonto,” kusho iPirates esitatimendeni esishicilele kwi-website yayo.

Ulimala nje uvele usanda kubuya ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside. Abanye abasazama ukubuyela eqenjini ngemuva kokwelulama ngoVincent Pule noThulani Hlatshwayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.