ULorch usola umoya wezikhova kozakwabo kwiPirates

ULorch usola umoya wezikhova kozakwabo kwiPirates
UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali we-Orlando Pirates ongaconsi phansi kubalandeli uThembinkosi Lorch useveze ukuthi umona udla lubi kuleli qembu.

ULorch usola abadlali baleli qembu ngokuthi abasizani enkundleni kodwa kuba yilowo nalowo afune ukugqama yedwa.

“Ngizokhuluma iqiniso nje libaba  linjalo, ngicabanga ukuthi kulezi zinsuku abadlali sebezidlalela ukuvelela ngabodwana.

“Uvele ungafuni ukubona omunye umdlali evelela egqama eba yintandokazi yabalandeli,” usho kanje uLorch kwabePirates TV.

Wenze isibonelo ngokuthi abadlali baphambili abasabatholi oqekelele bamathuba lawa abizwa ngokuthi yimbuzi ngesintu.

“Wagcina nini nje ukubona umdlali wePirates eshaya igoli elilula? Omunye ephasela omunye ibhola elizokwenza yena aliphushele enethini kalula nje.

Mina ngicabanga ukuthi wonke umdlai manje usezidlalela yena ukuba agqame yedwa,” kuchaza lo mdlali.

ULorch akakabonakali kwiPirates kule sizini njengoba elimele ehlombe ngokusho kukaJosef Zinnbauer osashiya kulelu qembu.

Bekuke kwanezinkulumo eziningi zokuthi uLorch uzoshiya kwiPirates. Impempe yakuveza ukuthi wazicelela yena ukuhamba.

FUNDA NALA: UMere uthi akakayicabangi eyokubeka amakhokho ethala

Wanikezwa imvume yokuthi atshele iqembu laseBelgium okwakuthiwa liyamfuna ukuthi alixoxisane nePirates.

Kodwa kuthiwa leli qembu ligodolile nemali ikakhulukazi njengoba engadlalanga kakhulu ngesizini edlule ngenxa yokuhlushwa wukulimala.

Kube sekuvela amahlebezi okuthi ufunwa yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns. Kodwa abaphathi bakhe bathi usajabule kwiPirates.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.