ULoveness uzidlele amahlanga ewina kwiPrince Mangosuthu

ULoveness uzidlele amahlanga ewina kwiPrince Mangosuthu
ULoveness Madziva
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

Wenze yonke into waze waqeda bengakafiki entanjeni abegijima nabo uLoveness Madziva waseZimbabwe.

Lo mgijijimi uwine iPrince Mangosuthu Ultra Marathon ngesikhathi esingu-3.42:18 emjahweni obusuka eNquthu uphelele eDundee ngeSonto.

Bese kungokwesibili kulandelana uLoveness ewina lo mjaho ohlelwa umasipala waseMzinyathi. Nango-2019 uyena odle umhlanganiso.

Ngonyaka odlule awuzange ube khona lo mjaho ngenxa yokudlanga kweCoronavirus. Kuzihlalele obala ukuthi uLoveness ubevule elikhulu igebe phakathi kwakhe nabanye abagijimi.

Kuthathe isikhathi eside ukuthi kufike othathe indawo yesibili. “Ngiyazi kunzima kubantu besifazane ukuthi bawine imijaho,” usho kanje uLoveness.

Kumele usebenze kanzima ngaphandle kwalokho ngeke uphumelele.” Uvumile ukuthi akubanga lula ukulungiselela lo mjaho ngenxa yeCoronavirus.

FUNDA NALA: Udliwe nguMhlakwana umhlanganiso kwabesilisa KiwMangosuthu

“Ngike ngahlala cishe unyaka wonke ngingaziqeqeshi. Ngize ngaqala ngoJanuwari ukuzilungiselela ngemuva kokulimala.

“Ngihlale izinyanga ezintathu ngizama ukululama, futhi ngiyajabula ukuthi ngiwine. Bengibheke Ukuqeda kwiTop 3 kodwa ngenhlanhla ke ngavele ngawina.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *