ULow wethembisa ukujika izinto iGermany seyibhekene ne-England

ULow wethembisa ukujika izinto iGermany seyibhekene ne-England
UJamal Musiala weGermany
UDABA: Mhlengi Josta Dladla
ISITHOMBE: Twitter

UJoachim Low uthi iGermany izodlala ibhola elihlukile uma seyibhekene ne-England emzuliswaneni womkhumulajezi kwi-Euro 2020. Lokhu kulandela ukushaya kwayo udaka kemdlalweni wayo neHungary ngoLwesithathu ebusuku.

ULeon Goretzka ushaye igoli lokulinganisa leGermany kwaba ngu 2-2 sekuvalwe amehlo kulo mdlalo obuse-Allianz Arena Stadium. IHungary ihambe phambili kabili kulo mdlalo nokuthuse abaningi.

Kodwa uLow ujabule ngendlela iGermany elwe ngayo, yagcina ilitholile iphuzu lokuzibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo.

“Besinezinhloso ezinhle kakhulu, sibe namaphutha, kodwa silwile,” kusho uLow ekhuluma nezintatheli zaseGermany.

“Bekungawona umdlalo wabantu abanezinhliziyo ezintekenteke. Besazi ukuthi iHungary izofika nakho konke enakho, besazi ukuthi iyofela enkundleni. Futhi besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima esizowudlala neHungary.

“Ukudlulela phambili kuleli qoqo kuhle kakhulu, futhi bekuwumgomo wethu lowo ukuthi kufanele sidlulele phambili. NeFrance yadlala ngokulingana ngo 1-1 neHungary.

“La maqembu okuthiwa mancane ayazimisela. Bekungelula neze. Okubaluleke kakhulu ukuthi sidlulela esigabeni esilandelayo manje,” kuqhuba uLow.

Funda nala: Uchazekile umqeqeshi wePortugal ngesibindi sabadlali bakhe

UJamal Musiala, obeneminyaka engu-18 nezinsuku ezingu-117 ngosuku lomdlalo, nguye osengumdlali omncane kunabo bonke asebake badlalela iqembu lesizwe laseGermany emiqhudelwaneni emikhulu.

Ungene endaweni kaRobin Gosens, wenza kahle washiya uLow echazekile. “UMusiala udlale kahle kakhulu. Ubesinqobela amabhola, aphinde awaphase kahle. Ungumdlali onekusasa eliqhakazile impela,” kuchaza uLow.

Ekhuluma ngokuqhathwa ne-England emzuliswaneni olandelayo, uLow uthe:  “Ukudlala ne-England eWembley kuchaza ukuthi udlala umdlalo omkhulu neqembu elikhulu.

“Sizowulungiselela kahle lo mdlalo… sizodlala ngokuhlukile, ngiyethembisa. Kuyajabulisa ukuthi sikwazile ukudlulela phambili kuleli qoqo ebesikulo.”
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.