Ulume waphephetha uMgqithi egxeka abagadli beDowns ngokushweba amathuba

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi othi zizojik'izinto maduze

OKADONGA GUMBI

Ushaye esegundwane umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi egxeka abagadli bakhe ngokuyeka amathuba emidlalweni yabo kwiDStv Premiership, qede wapholisa ngokuthi bayazikhandla futhi bawakhipha wonke amangwevu.

UMgqithi ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe ziyijahe zayifica inyamazane ngoLwesithathu eThohoyandou Stadium la behlule khona iBlack Leopards ngo 2-1, babuya namaphuzu amathathu okokuqala emidlalweni emine.

“Ngikholwa wukuthi singenza kangcono phambili,” kusho uMgqithi. “Sithola amathuba amahle kodwa asiwasebenzisi ngendlela efanele. Ukukhuluma nje iqiniso, yilokho okunokungikhathaza kancane ngoba noma sesishoda (ngemuva kokukhishwa kukaMothobi Mvala ngekhadi elobomvu) besingawashaya amagoli amathathu noma amane ngoba amathuba abekhona.

“Kodwa asingabi nomhobholo, sibonge lamaphuzu amathathu. Sincome nokuthi abafana bethu balwile babuya sekunzima, ngeke sibasole ngalutho ngoba bangelinye lamaqembu ayaziyo inethi kule ligi. Ngeke ke sivele sibheke amaphutha kuphela kubo,” kusho uMngqithi.

Ube esephephetha la abeselume khona, encoma oPeter Shalulile noKermit Erasmus, ethi basenza umsebenzi oncomekayo. NguShalulile oshaye womabili amagoli eSundowns ngesikhathi yehlula iLidoda Duvha.

“Ngikholwa wukuthi bawakhipha wonke amangwevu abo, kodwa uma sewuxhamazela ngenxa yokuthi imiphumela iyakuphika, kuyindalo ukuthi ungabi sezongeni olijwayele uma kuziwa ekuvaleleni enethini amathuba owatholayo.

“UPeter usishayele amagoli amabili, kungani pho sizogxeka iqembu sithi aliwashayi amagoli… Okwamanje ngisajabule kakhulu. NoKermit ulishayile igoli ngeviki eledlule.”

ISundowns iyatotoba kule sizini uma kuqhathaniswa nadlule uma kuziwa ekuqoqweni kwamaphuzu yize ivule igebe lamathathu ngemuva komdlalo wangoLwesithathu. Amaphuzu angu-31 ngemuva kwemidlalo engu-14 yinani elihle kodwa uma ubheka izinga labadlali ababoshelwe eChloorkop, kumele ngabe benze kangcono.

“Sizobuya,” kusho uMngqithi. “Kuningi okumele sikulungise ngoba sisazama ukushintsha iqembu ngenxa yezinkinga ezehlukene esibhekene nazo. Kancane kancane abadlali bethu bayabuya (ekulimaleni). U-AJ (Andile Jali) usebuyile kanti nabanye bazobuya ngaphambi komdlalo olandelayo,” kuchaza uMgqithi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *