Ulupotoze lwaqoma Usuthu uTruter lumsayinisa

Uzokhomba indlela yoSuthu uBrandon Truter
Sihle Ndlovu

UBrandon Truter uzobe eqeqesha AmaZulu ngesizini ezayo ngemuva kokunikwa lo msebenzi ngokuphelele abaphathi boSuthu.

Lokhu kuqinisekiswe omunye wabangaphathi kuleli qembu kwiMpempe ngesikhathi imbuza ukuthi sekunjalo yini.

“Kona kunjalo ukuthi nje thina asivunyelwe ukuphawula ngalokho ngoba akekho oseke wakhuluma nathi kubaphathi,” kusho lo mthombo ongafunanga ukushiwo igama lawo.

“Ngibonile ukuthi umphathi weqembu usevele uphawulile ngalokhu kwelinye iziko labezindaba. Nathi futhi siyezwa ngaphakathi ukuthi kuvele kunjalo.”

UTruter uzwakale enokuzethemba okukhulu ngesikhathi ebuzwa ukuthi wenze okufanele yini ukuthi anikwe lo msebenzi, ngemuva komdlalo neLamontville Golden Arrows ngoLwesibili.

“Ngicabanga ukuthi ngenze okwanele ngokwemiphumela futhi nami ngingathanda ukuqhubeka neqembu,” kusho uTruter ngoLwesibili.

Okunye okuhlalukile ngoLwesibili ukuthi uTruter ubekhuluma aqeqeleke ngezinhlelo zesizini ezayo. Kungenzeka vele ubesazi ukuthi intombi abeyeshela ivele isiqomile.

Ukuqashwa kukaTruter kugcine kuqinisekisiwe uPhumlani Dube ongomunye walabo abasebenza kwezokuxhana kuMaZulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *