ULuthuli ufunwa uthuli ngapha nangapha, inhliziyo yakhe ikwiChippa

ULuthuli ufunwa uthuli ngapha nangapha, inhliziyo yakhe ikwiChippa
USiphelele Luthuli
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

IChippa United imfuna uthuli uSiphelele Luthuli weRoyal AM. Lokhu kuvezwe ngumthombo weMpempe ozazi kahle ezangaphakathi kwiRoyal AM.

Usihlebele ukuthi lo mdlali akaneme ngokuhlala kuleli qembu laseMgungundlovu ngenxa yokungeneliseki ngomholo.

Kepha kumanje uMaMkhize usamcenga ukuthi engahambi futhi wethembisa ukuthi uzomnika akufunayo ngokusho komthombo.

“Umdlali uyizwa ngaphakathi Chippa United ngoba ibeke okuncono etafuleni,” kusho lo mthombo olazi ukusuka nokuhlala lolu daba.

“Manje uselinde ukuthi bakhulume noMaMkhize kubonakale ukuthi ngabe bayazwana yini ngezimfuno zakhe.”

ULuthuli ungomunye wabadlali abangabonakali kuze kube manje ohlwini lwaleli qembu lwabadlali abadlalayo.

Kuvele ukuthi kube nezikhalo kubadlali abanohlonze abifike neBloemfontein Celtic bekhala ngamaholo aphansi kakhulu kuleli qembu lenjinga yaseThekwini.

Kuthiwa umqeqeshi weChippa, uGavin Hunt useyalele usihlalo weqembu ukuthi azame ngayoyonke indlela ukuthi uyamthola uLuthuli ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu.

“UHunt akawuvali umlomo ngalo mdlali njengoba ebumba iqembu elizobhubhisa kwasani futhi umbona ezoba wusizo kakhulu.

FUNDA NALA: ISharks isidlalela ukugcina umgqogqo kwiCurrie Cup

“Uqale ukumlandela esekwiCeltic futhi ungomunye wabadlali abebafuna nangesikhathi ekwiKaizer Chiefs,” kuchaza lo mthombo.

Elinye iqembu elingazibekile phansi yiSuperSport United okuthiwa nayo iyamfuna lo mdlali njengoba libona ukuthi engayivala thaqa isikhala esashiywa nguDean Furman.

NoMato Madlala ongusihlalo weGolden Arrows naye kuvelile ukuthi uyazifela ngalo mdlali futhi unethemba lokuthi angagcina emabhukwini Abafana Bes’thende.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.