Uluvumile uhlofu olunuka kubaqeqeshi kwiSundowns uMokwena

Uluvumile uhlofu olunuka kubaqeqeshi kwiSundowns uMokwena
URulani Mokwena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

URulani Mokwena akazange angene ezintangeni kodwa wavele wakuvuma ukuthi lukhona uhlofu oluke lwanuka phakathi kwakhe noManqoba Mngqithi abaqeqesha naye iMamelodi Sundowns.

Ngasekuqaleni kweviki kubikwe ukuthi kunuka uhlofu kubaqeqeshi ableli qembu ababambisene oMngqithi, Mokwena noSteve Komphela.

Imibiko iveze ukuthi lokhu yikho okwenza uKomphela avumele phezulu ngesikhathi i-Orlando Pirates imshela.

Nokho wagcian engayanga kuyo ngenxa yenkontileka yakhe kwiSundowns ephoqa ukuthi iqembu elimfunayo kufanele likhokhe imali eshisiwe.

Kuthiwa uchuku lwaqala ngesikhathi uMngqithi ekhuluma sakubhuqa ngoMokwena ejimini yaleli qembu eChloorkop.

UMokwena wayengekho ngalelo langa kodwa kwafika ezindlebeni zakhe nezabaphathi kwagcina kuthiwe uMngqithi akaxolise.

“Ngiwufundile lowo mbiko futhi lo mbuzo bese ngiwulindele vele,” kusho uMokwena ebuzwa ngalesi sigigaba.

“Kunzima kimi ukuwuphendula. Kunzinyana ukuthi ngingabonakali ngingumuntu ocasha ngesithupha, kodwa khona lapho kumele ngivike;le isithunzi seqembu.

“Sinomdlalo omkhulu ngeSonto futhi izingqondo zethu namandla sikugxilise kuwo lowo mdlalo,” kuchaza uMokwena.

“Kodwa kukhona nokufisa ukucacisa ezinye izinto. Kuyishwa lokhu ngoba ezinye izinto kuthi uma seziputshukele emphakathini uzibuze ukuthi engabe ziputshuke kanjani?

“Mina yilokho engikubona kuyinkinga enkulu. Ukuba nomthombo okungabantu abakhiphela abezindaba izindaba zangaphakathi eqenjini.

“Akumele sibe nabantu abenza izinto ezinjalo lapha eqenjini. Lokho akumele kuvunyelwe,” kuchaza yena.

“Lokho kungenxa yokuthi noma ngabe kukuyiphi inkampani noma ikhaya ngisho ngabe ubudlelwano bunjani, vele kuzohlale kuba khona ukuxabana okuvelayo, kodwa akumele kwenziwe ihaba.

“Ngiyaphoxeka, mina ngokwami, uma kuyimi obhekene nalento. Mhlawumbe lo mbuzo kumele ubhekiswe kumqeqeshi uManqoba ngoba lokhu okubikiwe kunalo iqiniso phakathi.

“Kodwa ngokwami, umqeqeshi waxolisa futhi sadlula kulokho sesibheke okubalulekile kwiMamelodi Sundowns, iophelela lapho leyo. Akukho okunye engizokusho.”

Indaba yokuqashwa kwabo njengabaqeqeshi abanelungelo elilinganayo kwakuvele kubathimulisile abaningi ngoba bengakuboni kusebenza.

FUNDA NALA: Ujabule wafa umqeqeshi wenkulisa yeTS Galaxy ngokubuya kwemidlalo yeDiski Challenge

Kodwa iSundowns ikwazile ukuvikela isicoco seligi ngesizini edlule ngabo laba baqeqeshi. Baqashwa ngemuva kokushiya kukaPitso Mosimane.

UMokwena wahamba nakwi-Orlando Pirates sekunuka uhlofu njengoba engakwazanga ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana noJosef Zinnbauer.

Lokhu kwakulandela ukuthi uZinnbauer eqashelwe ukuzosusa yena esikhundleni ayebambile kusongaleso sikhathi.

Nangesikhathi sikaMicho Sredojevic wayesolwa ngokuba yiqhalaqhala engamniki lo mqeqeshi ithuba yize yena ayeyiphini ngaleso sikhathi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.