Ulwazi olusha ngesikhalo seSafa ngonompempe waseSenegal

Ulwazi olusha ngesikhalo seSafa ngonompempe waseSenegal
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kungase kuyiqinise idolo kakhulu iSouth African Football Association (Safa) ulwazi olusha kulandela ukuputshuka kwezindaba ‘zokuvakasha’ kwesikhulu seGhanaian Football Association (Ghana FA) eSenegal.

Ngokubika kweSunday World kunolwazi olusha oluthi isikhulu seGhana FA sivakashele eSenegal ngaphambi komdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba phakathi kweGhana neNingizimu Afrika emasontweni amabili edlule.

Unompempe uMaguette N’Diaye, okumanje kubhekwa indlela awuphatha ngayo umdlalo weGhana neBafana Bafana, ungowaseSenegal.

Osekusele manje ukuthi iSafa neFifa iqinisekie ukuthi isikhulu saseGhana (okuthiwa liyaziwa igama laso),
sahlangana saphinde sakhuluma ngempela yini noN’Diaye eSenegal ngaphambi komdlalo.

Okufunwa yiSafa ukuthi kubhekwe indlela awuphatha ngayo umdlalo unompempe, bese uphindwe uma kutholakala ubufakazi bokuthi kukhona umkhonyovu owenzeka.

Kuvele ukuthi iSafa isiludlulisele kwiFifa lolu lwazi olusha futhi ithemba ukuthi luzoliqinisa icala elifakile mayelana nalo mdlalo wokuhlunga osekukhulunywe kakhulu ngawo.

Kuthiwa lokhu sekubaphathise ngekhanda kakhulu kwiFifa ngoba iyaphoqeleka ukuthi iphenyisise kahle mayelana nalolu daba.

FUNDA NALA: ISwallows isibaxoshile abaqeqeshi kulandla induku yeChiefs

“Konke kulele kwiFifa ukuthi iphenye. Bangakwazi ukubheka ukuthi ngabe isikhulu esithile saseGhana saya ngempela yini eSenegal ngaphambi komdlalo.

“Bangabheka ama-passport akhe kanjalo nocingo lwakhe ukuthi uke waxhumana yini nonompempe waseSenegal.

“Sifuna ubulungiswa ngoba siyakholwa ukuthi abafana bethu babanjwa inkunzi eGhana.

“Sifuna uphindwe umdlalo endaweni engavuni muntu,” kusho umengameli weSafa uDanny Jordaan.

Isinqumo mayelana nokuthi umdlalo uzophindwa yini bekumele siphume ngeSonto elidlule.

Nokho kubukeka sengathi lolu lwazi olusha yilona olwenza kube nokubambezeleka kwiFifa.

Unompempe wakhomba iphenathi eyakhalisa wonke umuntu kulo mdlaloowaphela ngo 1-0.

Ngaphandle kwalokho ziningi izinqumo ezazibukeka zilwa neBafana ngosuku lomdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.