Uma ike yaqhuzuka iSundowns, iyokuzwa eyakuzwisa iChiefs

UBenni McCarthy

OKADONGA GUMBI

Akulula ukumsola umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy uma ethi uyoze angene ethuneni enezinkumbulo ezinhle ngabadlali abanabo njengamanje.

Phela laba badlali bamenzele inqaba lo mqeqeshi beshaya iqembu ayesebenza kulo phambilini, iCape Town City ngo 5-1 ngoLwesithathu.

Bekuwumdlalo weDStv Premiership obukulindeleke ube nzima, futhi ube yinhlolokhono oSuthwini. Luyiphase ngamalengiso, wasala egezeke inhliziyo namaphaphu uMcCarthy.

“Uh, ngibahlonipha futhi ngibathanda kakhulu laba badlali. Ukwenza into enje eqenjini elingelinye lasatshwayo ezweni yinto enkulu kabi,” kusho uMcCarthy.

“ICity yiqembu elihle kakhulu, bayalihlikihla ibhola. Bayakwazi ukwakha baphinde bashaye inqwaba yamagoli, banabise izimbangi zabo.

“Kodwa namuhla sibaphendule iminqolo… laba bafana bami abazi ukuthi benze into enkulu kanjani. Kodwa maduze bazozibona izithelo somsebenzi wabo ngoba sekusele kancane baqophe umlando.

“Bayiqembu lokuqala laMaZulu ukubamba ibanga elide kanje lingehlulwa. Bayaqhubeka bayaqina. Ngiziqhenya kakhulu ngabo. Sengibheke ukuthi size izinto ezinkulu nabo.”

Usuthu seluyihleli entanyeni iMamelodi Sundowns njengoba selusilele ngephuzu elilodwa kuyo.

Uma ike yaqhuzuka iSundowns, iyokuzwa eyakuzwisa iKaizer Chiefs ngesizini edlule.

“Kusenemidlalo eyisithupha esele, ngethemba ukuthi sizoqhubeka nokuzikhandla, sizithobe. Ukuthi siwinile namuhla akusho ukuthi kukhona esesikuzuzile.

“Sisalelwe yimidlalo ngaphambi kokuthi sizuze yonke into esiyifisayo. Kepha namuhla wusuku lokujabula. Wusuku lokuziqhenya.

“Ngiyaziqhenya ngabo bonke abadlali abakuleli qembu njengamanje,” kuncoma uMcCarthy.

Ukungenelwa yigoli yikho kuphela okube yisinengiso kuMcCarthy futhi uyazwelana nonozinti wakhe.

“Siphinde sangenelwa yigoli. Angazi uzizwa kanjani uVeli (Mothwa) ngalokhu. Sibaphe nephenathi kungenasidingo.

“Kodwa noma kunjalo, besisezingeni eliphezulu kakhulu. Ukuzinikela, ukuzikhandla nokufuna ukuwina bekumangalisa.

“Ngelinye ilanga uma senfiyikhehla ngiyokikhumbula ngimoyizele ngedwa leli qembu nokungenza umuntu ebantwini.”

Usuthu luzobhekana nomkhaya balo abasembangweni wesicoco seligi nabo, iGolden Arrows ngoMgqibelo.

“Ngiyazigqaja kakhulu, kodwa umsebenzi awuphelile. Sidlala ne-Arrows ngoMgqibelo futhi sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo,” kuphetha yena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *