Uma usangabaza ngephenathi edlise iBafana, buka la

Okusha ngephenathi okungase kuphoxe iNingizimu Afrika
UDABA: Intatheli yeMpempe 
ISITHOMBE: Twitter 

Umsindo osuke ngephenathi etholwe iGhana qede yayivalela phakathi yawina ngayo ibhekene neBafana Bafana usekude ukuphela.

Imibono ngale phenathi iyehlukana njengoba abaningi bengavumi ukukholwa ukuthi bekufanele ibekwe.

Kodwa ngoLwesithathu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba la iSafa iveze khona ukuthi iyaqhubeka nesikhalo sayo sokuba kuphenywe ngalo mdlalo.

Lo mdlalo obuseGhana bekungowokugcina esigabeni samaqoqo futhi uzocacisa ukuthi yiliphi phakathi kweGhana neBafana elidlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Kube yiGhana eqhubekayo ngenxa yale phenathi. Kodwa osekucacile wukuthi iphenathi yabekwa kufanele.

Nokho abakuleli bebezitshela ukuthi yabekwa ngephutha ngoba bekubukeka sengathi uRushine De Reuck akamthintanga uDaniel Amartey.

U-Ace Ncobo obecebisa iSafa kulolu daba uthe ayiqhubeke ifake isikhalo sayo kodwa ingayiphathi eyephenathi.

Akaphumelanga ke obala ngokuthi ubone kuyiyo noma cha kudwa kuyacaca ukuthi ubonile ukuthi kwakuyiyona impela.

FUNDA NALA: Ikhala ngokunyuka kwababebhejela ukuthi iBafana izodliwa iSafa

Kulindeleke iFifa imemezele ngoLwesihlanu ukuthi yenza njani ngemuva kocwaningo nophenyo lwayo.

Umdlalo kungenzeka ubuyiselwe enkundleni noma kunikwe iBafana amaphuzu amathathu.

Kusangenzeka futhi iFifa ingatholi lutho olungahanjiswanga kahle bese ithi yiGhana eqhubekayo.

Buka le vidiyo ngezansi uzigculise nawe ngokuthi kwakufanele unompempe alikhombe emlotheni.

Cishe le vidiyo izokwenza ubone kangcono okwenzeka njengoba ebonakala uDe Reuck embhodolosha u-Amartey.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.