UMabasa uthi bazigwaze ngowabo iPirates ishaywa yiChiefs

UMabasa uthi bazigwaze ngowabo iPirates ishaywa yiChiefs
UTshegofatso Mabasa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ukuvumile ukuthi bekumele i-Orlando Pirates iphume nomphumela ongcono uTshegofatso Mabasa obezwakala ukuthi akamuhle emoyeni.

Lokhu bekungemuva kokuthi iPirates ihlulwe yinqwaba yamathuba yaze yagcina ihlulwe ngo 2-1 yiKaizer Chiefs kwiDStv Premiership ngempelasonto.

“Lona ngumdlalo ebesingawuwina nje,” kusho lo mgadli ongene esiwombeni sesibili.

“Kodwa sizenzele thina izinto zabanzima kunalokhu obekufanele zibe yikho.

“Sithole inqwaba yamathuba esiwombeni sokuqala kanti ke uma udlala ngawo, ungawasebenzisi ukuqeda ngomdlalo, kuba njena ekugcineni.

FUNDA NALA: Uxoshelwe ibhadi lokulandelwa yizembe umdlali

“Ngakho ngithi sibe nebhadi impela ngokwemiphumela, kodwa ngokokudlala, sidlale kakhe kakhulu.

“Kumele siqale ukuthola imiphumela emihle. Ibhola wumdlalo ohambisana nemizwa.

“Yingakho uma kwenzeka kanje uphoxeka futhi kube buhlungu impela nje.

“Kubuhlungu kakhulu ngoba lona wumdlalo ebesingawuwina kalula nje uma ngikhuluma iqiniso.

“Manje sekumele sizithintithe sibheke phambili. Sinekhefu lemidlalo yeFIFA la sizothola khona ithuba lokulungisa amaphutha,” kuchaza uMabasa oneminyaka engu-25.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.