UMabasa uzifake ezinhliziyweni zabalandeli naseqenjini elizoqala owomkhaya

UTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates

MTHOKOZISI MNCUSENI
Kungenzeka ukuthi uTshegofatso Mabasa usezifake khaxa esikimini esizoqala iSoweto Derby ngeSonto ngo-3 ntambama uma i-Orlando Pirates seyibhekene neKaizer Chiefs kwiDStv Premiership e-FNB Stadium, uma kuzoya ngezifiso zikaJosef Zinnbauer.
Lo mqeqeshi wePirates ugezeke ngaphakathi uMabasa ewinisa leli qembu ngo 2-1 kwi-Enyimba yaseNigeria emdlalweni kaGroup A kwiCAF Confederation Cup ngoLwesithathu e-Orlando Stadium.
UMabasa, ongawuqalanga umdlalo uwinisa ngomzuzu wokugcina nje, ubesanda kushweba iphenathi ebitholakale ngokuthi kudlaliswe kabi uGabadinho Mhango naye obesanda kungena.
Bobabili laba bagadli (uMabasa noMhango) batakula umkhumbi wePirates nje, babuya ekulimaleni okuhlasele kakhulu kumafolosi eBhakaniya.
UZakhele Lepasa oyiqale kahle kunabo bonke abagadli isizini ulimele kanti nensephe enguJean-Marc Makusu abalandeli beZimnyama abangakayiboni ngenxa yakho belu ukulimala.
Ngendlela uZinnbauer ake waba nenkinga ngayo kubagadli kunemidlalo lapho oThembinkosi Lorch, Deon Hotto no-Azola Tshobeni obekuyibona abadedele njengabagadli.
Nasemdlalweni wangoLwesithathu nguLinda Mntambo obeqale njengomgadli njengoba uLorch kwayena esalimele.
Bake babuya oMabasa noMhango emidlalweni yeligi edlule yePirates kodwa nakhona ububona ukuthi basazanywa nje.
Kungenzeka kushintshe lokhu uma sebebhekene nezimbangi zabo ezindala iChiefs uma uzoyilalela kahle inkulumo kaZinnbauer ngemuva kokuqhwakela kuGroup A.
UZinnbauer ebuzwa ngokungena ashintshe umdlalo uMabasa uthe: “Kuthi angithi besikulindele angene wakwenza. Ngicabanga ukuthi kucacele noma ubani ukuthi ubengakulungele ukuqala lo mdlalo.
“Sinezinsuku ezine ukulungiselela umdlalo, kwazi bani mhalwumbe angabe esekulungele ukuqala umdlalo.
“Kuningi okwenzekile kulo mdlalo ngakho kufanele siqale sibone ukuthi zonke izinto zihamba kahle yini ngabanye noma cha.
“Simdinga ebuyile (uMabasa) kodwa akuyena yedwa esimdingayo. Bakhona nabanye abamqoka esingakwazi ukubasebenzisa kulezi zinsuku ngenxa yokulimala.
“Ngineme kakhulu ngendlela abuye ngamandla ngayo wasishayela negoli elimqoka emdlalweni obalulekile.”
IPirates izovakashela iChiefs ihambela phezulu kwazise lo mphumela uhluke kakhulu kotholwe yiChiefs kwiCAF Champions League lapho ibambane khona ngo 0-0 nePetro de Luanda yase-Angola ngoLwesibili e-Estadio 11 de Novembro.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.