UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter
UNdumiso Mabena ongukaputeni weRoyal AM ubona benamathuba amahle okuqeda endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.
Uthi lokhu bafuna ukukwenzela ukuze bathole ithuba lokuyodlala emiqhudelwaneni yezwekazi.
“Thina umdlalo ngamunye esiwudlalayo siwuthatha ngokuthi owamanqamu,” kusho lo mdlalo exoxa neMpempe kuleli viki.
“Ukuyodlala e-Afrika yinto esiyifunayo ngoba iyakukhulisa njengomdlali, ikuqinise, ikwenze umdlali ongcono.
“Sinabadlali abasebancane lapha abanezifiso ezinkulu ngakho kungabasiza kakhulu ukudlala e-Afrika ngoba bazozikhangisa nasemazweni aphesheya.”
IRoyal AM isanda kuba sezindabeni muva nje kulandela ukuhlubuka kukaMama Joy Chauke kwi-Orlando Pirates athi usengumlandeli waleli qembu likaMaMkhize.
FUNDA NALA: IChiefs ithi ayiyi yona emdlalweni wayo neCity
“Ngikholwa wukuthi akuyena yedwa osechazekile ngathi okusho ukuthi abantu bayayibona lento esiyenzayo futhi bayayithanda.
“Siyethemba ukuthi ukufika kwakhe kuzokwenza nabanye bamlandele.
“Kuzoba lula lokho ngoba senza kahle kanti abantu bathanda iqembu eliwinayo,” kusho uMabena.
Uzobe ebheke ukuthi baqhubeke nokuwina uma sebebhekene naMaZulu FC eMoses Mabida Stadium ngoMgqibelo ntambama.