UMabizela usola ikhanda eliqinile kuCristiano Ronaldo

UMabizela usola ikhanda eliqinile kuCristiano Ronaldo
UCristiano Ronaldo noMbulelo Mabizela besadlala e-England kudala

 

UMbulelo Mabizela owayengumdlali we-Orlando Pirates  uthi uCristiano Ronaldo umbona esakulungele ukudlala okungenani iminyaka emine. 

Lo mdlali wasePortugal usanda kunqanyulelwa inkontileka yakhe kwiManchester United kulandela izinkulumo ezingezinhle azisho ngomqeqeshi u-Erik ten Hag. 

Ubekhuluma nje kungoba ubesenesikhathi engasetshenziswa kuleli qembu ekubeni yena ezibona efanelwe wukuqala imidlalo. 

UMabizela uthi ubona uRonaldo esangadlala eminye iminyaka emine ngoba ungumdlali onekhono eliphezulu futhi ozimiselayo njengoba emazi kahle. 

“Nokho kuzomele ehlise ikhanda ngoba yilona elimqhatha nabaqeqeshi,” usho kanje uMabizela owake wadlala kwiligi eyodwa noRonaldo. 

“Yikho ukuqinisa ikhanda okwenze angakwazi ukuhlala kwiManchester United. 

“Inkinga kaCristiano Ronaldo ukuthi unempakamo enkulu lena egcina isishaya yena uqobo.

“Unokuzazi ukuthi usehlomule ngemiklomelo eminingi ebholeni kanti nemali iningi. 

“Udlale ngaphansi kwabaqeqeshi abanonhlonzo olukhulu emhlabeni. Manje kumele ngabe uyakwemukela ukuthi usemdala engadlala imizuzu engamashumi amabili. 

“Lokho kukhulu kuyena ngoba akukho lutho olusha angalenzela iqembu njengoba nemilenze ingasafani nakudala. 

“Ubewashaya kalula amagoli ngoba ubeshesha.”

Sekuqalile ukuqagula ngokuthi ngabe uRonaldo uzoya kuliphi iqembu uma kuphela iNdebe yoMhlaba eqhubekayo eQatar. 

FUNDA NALA: Abaphathekile kahle ngokukhuhla ibhentshi kukaMahlatsi kwiChiefs

Abanye bamkhomba kwiChelsea kanti abanye bathi engathusa abaningi eseqhamuka kwiManchester City evele yake yamshela phambilini. 

Kodwa uMabizela yena umcebisa ngokuthi bekungakuhle avele aziyele kulamazwe anemali ayosebenzela khona impesheni yakhe. 

“Mina bengingathi akehlise umoya ayodlala emazweni afana noQatar noma eChina.

“Kulapho kuphela abadlali abaningi abakade benamagama ebholeni lomhlaba bephelela khona,” kuchaza uMabizela. 

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *