UMabunda ufikelwe wumunyu evalelisa kwiSundowns

UMabunda ufikelwe wumunyu evalelisa kwiSundowns
UTiyani Mabunda
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuhlale kushiwo ukuthi ukuvalelisa yinto enzima empilweni. Kuhlale obala lokhu ngesikhathi umdlali weMamelodi Sundowns, uTiyani Mabunda evalelisa ngoLwesibili.

Ekhuluma kwi-video efakwe yileli qembu ezinkundleni zalo zokuxhumana, uMabunda uzwakale enomunyu, ekhumbula izikhathi zenjabulo nezosizi.

Le video iqoshelwe ezinkundleni zokuziqeqesha zeSundowns eChloorkop okwenze uMabunda akangakholwa ukuthi ngeke aphinde agijime kuzo.

“Indaba yami ingenye yezihlukile esezake zenzeka kuleli zwe,” uyiqale kanje ingxoxo yakhe uMabunda obizwa ngoSugar ngabalandeli.

“Ngesikhathi ngifika lapha eqenjini, akekho owayazi ngami. Sengidlule kuzo zonke izixakaxaka ongazicabanga ukuthi umdlali engabhekana nazo kwiSundowns.

“Uma ucabanga ngezikhathi ezinzima, cabanga ngami kwiSundowns. Uma ucabanga ngezikhathi zenjabulo, cabangana ngami kwiSundowns.

“Iqembu belingeseka ngayo yonke indlela emsebenzini wami. Nami bengizinikela ngayo yonke indlela noma ngabe ngiyadlala noma ngingaphandle.

“Bengihlezi ngileseka iqembu. Bekuyisikhathi esiyohlale sikhumbuleka lesi engisihlale lapha. Lezi zinkundla ziyohlale zinendawo enhliziyweni yami.

“Ngizuze konke ebengikufisa, ngizuze konke umdlali abengakufisa,” kuchaza uSugar ohlale iminyaka eyisishiyagalombili.

Nokho kuleyo minyaka kukhona owodwa ayebolekiswe kuwo kwiFree State Stars ngenhloso yokuthi ayolanda ifomu.

Wasayina kwiSundowns esuka kwiBlack Leopards kanti usewine izindebe eziningi kuleli qembu. Udedelwe ngenxa yokuthi selakhiwa kabusha kanti usebonakala esemdala – uneminyaka engu-33.

Uzwakalise ukuthi uzobuya kuleli qembu yize engacacisanga ukuthi uzobe eyini. Kodwa cishe uzoba sethimbeni labaqeqeshi ngoba uthe usazobuya kulezi zinkundla zokujima abeshuthela kuzo.

“Akusenendaba nokuthi ngisenkundleni noma ngenzani enye. Okubalulekile wukuba yingxenye yalo mndeni esiwakhe kanzima. Ngikholwa wukuthi akukhona okokugcina ngilapha.

FUNDA LANA: USukazi upahwula ngokudayiselwana kwezitifiketi

“Okokugcina ngilapha njengomdlali. Kube wuhambo oluhle. Akulula ukuba kulesi simo engikuso (sokuvalelisa) kodwa angizisoli ngalutho ngesikhathi engisihlale lapha.

“Ngibona ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi ngidlulele kwesinye isigaba sempilo yami, ngivule elinye ikhasi lempilo.

“Akulula ukuvalelisa ikakhulukazi eqenjini elingenzele okuningi kangaka, langibeka la ngikhona njengamanje.

“Akulula neze, kodwa yonke into enhle igcina iphelile,” kuphetha yena. Kuke kwavela amahlebezi okuthi uMabunda ufunwa yiSwallows FC.

 

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.