UMacuphu uthi bazoyivalela ngaphandle kwiCaf iPirates

UMacuphu uthi bazoyivalela ngaphandle kwiCaf iPirates
UMxolisi Macuphu weRoyal AM noGrant Kekana weMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

UMxolisi Macuphu uthi njengoba nabo beyiRoyal AM bezibhekile nje ekutheni bangene kwiCaf Champions League ngesizini ezayo kuzomele bayivalele ngaphandle i-Orlando Pirates.

IPirates ikulambele kakhulu ukubuyela emidlalweni yeCaf njengoba kwale kancane inqobe iConfederation Cup kule sizini njengoba ihlulwe kowamanqamu.

Izogadulisana neRoyal AM eChatsworth Stadium ngoLwesihlangu emdlalweni weDStv Premiership oqala ngo-7.30 ebusuku.

“Ngicabanga ukuthi sonke sesiwulungele lo mdlalo esizobhekana kuwo ne-Orlando Pirates,” kusho uMacuphu njengokucashunwa kwakhe yiPhakaaathi.

“Ngeke kube umdlalo olula. IPirates isanethemba lokuthi ingasithola isikhala seCaf kwiligi kanti nathi siyasifuna impela.

“Yingakho ke lo mdlalo wethu wokugcina kule sizini ubalulekile futhi namalungiselelo awo ahambe ngendlela efanele, sesiwubheke ngabomvu umdlalo.”

UMacuphu uncome nendlela leli qembu elenze ngayo kule sizini njengoba lisethubeni lokuqeda endaweni yesibili kwiligi.

FUNDA NALA: Baphinde bahilizisana phambi kwabadlali abaqeqeshi beSundowns

“Senze kahle kakhulu futhi lokho kuwumphumela wokuzikhandla kwabadlali nethimba eliqeqeshayo. Siyathembana futhi siyesekana.

“Impumelelo iwumphumela womuzwa wokubambisana nokuzwana okukhona eqenjini futhi sizithobile bese siwakhipha wonke amangwevu uma sidlala.

“Ngicabanga ukuthi ukubambisana kwethu okusilethele impumelelo. Kumanje sibheke ukungena kwiCaf ngesizini ezayo futhi yinto esangenzeka.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.