UMadide uphikisana nesikhulu seSwallows ngomsebenzi kaKerr

UMadide uphikisana nesikhulu seSwallows ngomsebenzi kaKerr
UFani Madide obeyiphini likaDylan Kerr kwiSwallows FC
Sihle Ndlovu

Ngemuva kokuvika izembe kweSwallows FC emasontweni edlule, iphini lomqeqeshi uFani Madide, lincome umsebenzi omuhle owenziwe umqeqeshi uDylan Kerr.

IZinyoni zisinde sekuvalwe amehlo njengoba zize zasindiswa ukuwina umdlalo wokugcina kweyokuhlunga, lapho zishaye khona i-University of Pretoria ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium.

“Umqeqeshi uDyal (Kerr) ubenesineke kodwa abuye acikeke kakhulu ngendlela ebesidlala ngayo kodwa sihluleke ukushaya amagoli,” kusho uMadide ngemuva komdlalo wabo wokugcina.

“Ubelokhu eyikho konke kubadlali. Ubaba, abuye abe umkhulu ngesinye isikhathi ngoba uthetha kakhulu. Mina ngiwumuntu othulayo okhuluma nje ngaleso sikhathi. Ngiyamncoma kakhulu.”

Nokho isikhulu seSwallows uDavid Magoshoa asicabanga ukuthi basinde ezembeni ngenxa kaKerr.

“Asimlandanga sekusele imidlalo emithathu noma emihlanu. Lo mqeqeshi ufike kusele imidlalo engu-18…

“Lo mqeqeshi ubenenimdlalo engu-18. Kule midlalo engu-18 ngeke uthi lowo muntu utakule iqembu ezembeni. Empeleni ucisho walifaka ezembeni iqembu,” ucashunwe esho kanje uMagoshao.

Enye yezinto ebibulala iSwallows ukuboleka abadlali abaningi bese uma sebebuyela emaqenjini abo sekuphele isizini kudingeke iqale phansi.

“Abadlali esinabo ngingasho ukuthi bazosiyisa iqembu kwelinye izinga. Nakanjani kuzomele sithole abanye abadlali.

FUNDA NALA: UNdulula usola ubuthakathi obamphendula inkomo

“Kumele sibagcine abanye lababa ebesibabolekile abafana noGrant Magerman, unozinti uFebruary (Judy),” kuqhuba uMadide.

“Benze kahle kakhulu. Sizobona ukuthi konke kuzohamba kanjani kodwa ngiyajabula ngalaba bafana”.

Abanye abadlali abasanda kushiya iZinyoni uKamohelo Mahlatsi, uDillan Solomons noLehlohonolo Matlou, abasayine kwiKaizer Chiefs.

Mhlawumbe iSwallows kumele ibheke ukulungisa izinto isizini iqala ukuze ungalokhu izithola iqala phansi njalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.